USibaya ugajelwe ukufuna izinto eziningi esikhungweni abeqeqesha kuso

USibaya ugajelwe ukufuna izinto eziningi esikhungweni abeqeqesha kuso
UMacBeth Sibaya obeseqeqesha kwiKZN Academy
Alfred Ngubane 

Ukhale ngaphandle uMacBeth Sibaya kwiKwaZulu-Natal Academy. USibaya kukhalwa ngokuthi ubefuna izinto eziningi abangenazo, ngokusho komthombo weMpempe.

“Bakhala ngokuthi uyazikhulumela uma kukhona anagakuboni kahle futhi ubebuye afune izinto obonayo ukuthi kungasebenzeka noma zingekho,” kusho umthombo.

Uqhuba lo mthombo, uthi kunabaqeqeshi abebengeneme nhlobo ngezinto ezifana nokungaholi ngesikhathi kwezinye izinyanga.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sikhungo sesivundulule abadlali abaningi abanye babo asebezakhele amagama emaqenjini amakhulu kuleli naphesheya kwezilwandle.

Kubadlali abaphuma khona singabala oSiphephelo “Yaya” Sithole, Thabo Cele, Nkanyiso Zungu, Siphesihle Ndlovu nabanye.

Impempe iphinde yezwa kuvela negama likamengameli weSafa uDanny Jordaan ekuphathweni kwalesi sikhungo.

Umthombo usixoxele ukuthi kungenzeka ukuthi ngesakhe lesi sikhungo, laba abasiphethe ucashisile nje ngabo.

Lesi sikhungo besisekwe kakhulu ngemali ngumasipala weTheku phambilini nokuyingakho besikwazi ukuhlela imiqhudelwano yabaneminyaka engaphansi kuka-19.

Kulo mqhudelwano bekumenywa amaqembu aphesheya esingabala kuwo iBenefica, Sporting Lisbon, Arsenal FC, AC Milan ne-Asec Mimosa.

FUNDA NALA: Usezama inhlanhla kwiSwallows ogajwe yiPirates

Wavalwa eminyakeni edlule ngenxa yokuhoxa kwabaxhasi nokwasolwa usihlalo weGolden Arrows uMato Madlala ukuthi waba nesandla kulokho.

Eminyakeni emibili edlule uJordaan wamemezela ukuthi bazosixhasa lesi sikhungo, kwagcina sekuhlonzwe usonkontileka ozoqala umsebenzi.

Nokho kubukeka kwaphelela khona lapho njengoba kuze kube manje kungekukho okubambekayo osekwenzekile.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.