USibisi ufuna ukukhombisa iPirates ukuthi uyinkunzi yohlobo

USibisi ufuna ukukhombisa iPirates ukuthi uyinkunzi yohlobo
UNkosinathi Sibisi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Uyakuvuma uNkosinathi Sibisi ukuthi ukuhluleka ukuya kwi-Orlando Pirates noma iMamelodi Sundowns ngaphambi kwale sizini kumkhubile emoyeni.

Kwakunemibiko eminingi eyamanisa lo mdlalo nalamaqembu amakhulu aseGauteng, ikakhulukazi iPirates.

Kodwa izinto zigcine zingalunganga wahlala kuyo iGolden Arrows la engukaputeni khona.

“Engingakusho ukuthi nami nginezifiso,” ucashunwe esho kanje kwiSowetan lo mdlali.

“Angicabangi ukuthi ukhona umdlali ongafisi ukudlalela amaqembu amakhulu kiwligi.

“Ngavele ngasamukela isimo sinjengoba sinjalo ngoba ngisanenkontileka ne-Arrows. Kwangithikameza khona kancane…

“Anganaso isiqiniseko ngokuthi yini eyenza akwangalunga kodwa abekho ababeka into ecacile etafuleni.

“Kodwa ke ngisaqhubeka ngiyadlala ngifuna ukuwakhombisa lawo maqembu angibhekile ukuthi ithalente likhona akubanga wuqhwasha nje ngesizini edlule.”

USibisi uthi yize kubathathe isikhashana ukujwayela umqeqeshi omusha uLehlohonolo Seema, kodwa ukholwa wukuthi izinga lakhe alehlile.

“Angicabangi ukuthi ijikile indlela engidlala ngayo kule sizini, nokho ayifani neyangesizini edlule.

“Phela kuningi okushintshayo uma nishintshe umqeqeshi… kumele ujwayele indlela afuna nidlale ngaye lo omusha.

“Ngicabanga ukuthi lokho kwenz umehluko. Ngicabanga ukuthi kukhona okusamele sikuphucule.”

USibisi uzobhekana neqembu lakhe lakudala iPirates ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama emdlalweni weDStvPremiership ePrincess Magogo Stadium, eThekwini.

FUNDA NALA: ISundowns Ladies iqophe umlando iwina iChampions League

“Umdlalo obalulekile lona kithi. Sesiside isikhathi sagcina ukuqoqa amaphuzu amathathu.

“Sizoya kulo mdlalo ngomqondo wokuthi siyafuna ephelele amaphuzu njengoba sisekhaya nje.

“Siyabazi ubukhali bePirates nezinga eliphezulu labadlali bayo. Bazobe befuna ukuthintitha induku abayithole emdlalweni womkhaya kodwa ngeke sibenzele kube lula.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.