USibisi useyiBhakabhaka, uMlungwana yena sekusele kancane

USibisi useyiBhakabhaka, uMlungwana yena sekusele kancane
UNkosinathi Sibisi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

UNkosinathi Sibisi uzogijima kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo. Lezi zindaba zihletshelwe Impempe ngomunye wabasondelene nalo mdlali. Kulindeleke ethulwe kwiPirates ngoLwesibili ntambama.

“Impela konke sekuqediwe, cishe kumanje usendleleni nje ubheke khona eGoli. Obekubambezele wukuthi iPirates ibone ukuthi izodlala yini kwiCAF ngesizini ezayo. Manje ngoba yonke into seyicacile, sebemlandile.

“Ukube i(Kaizer) Chiefs beyiwinile ngempelasonto iPirates ibingeke idlale kwiCAF ngakho bebezomyeka isizini eyodwa uSibisi kwi-Arrows. Kodwa manje sebezomdinga ngakho sebeqedile konke,”  kusho lo mthombo.

Uphinde waveza ukuthi uSibisi uzolandelwa ngunozinti, uSifiso Mlungwana maduze nje ukuya kwiPirates. Lo nozinti ubevimba kwasani ngesizini edlule kuBafana Besthende.

IPirates ifuna omunye unozinti njengoba uWayne Sandilands kulindeleke athathe umhlalaphansi bese ethatha isikhundla sokuba ngumqeqeshi wonozinti ngokugcwele. USiyabonga Mpontshane naye kungenzeka akhululwe.

UMlungwana uzolibanga noRichard Ofori ijezi kuleli qembu. Kodwa lo nozinti waseGhana ubehlushwa wukulimala ngesizini edlule nokuyikho okwenze iPirates ifune omunye unozinti ngokushesha. UMlungwana akekho kuleli okwamanje njengoba ehambe neqembu lesizwe lika-Under 23 elikuma-Olympics eTokyo, eJapan.

FUNDA NALA: USithebe usebheke ukudla izicoco kuMaZulu bese ehlala nakwiBafana

“Cishe yena sekuyoqedwa konke uma esebuyile. Abafuni ukumphazamisa la ekhona ngoba uyokwenza umsebenzi obalulekile laphaya. Kodwa uma ebuya cishe uyosale esesala khona eGoli engabe eseza eThekwini aye kwiPirates,” kusho lo mthombo.

I-Arrows bekulindeleke yethule abadlali bayo abasha ngoLwesibili kodwa yabuye yakuhoxisa lokhu. Ngokuthola kweMpempe lokhu kube ngenxa yokuthi kube nezinguquko ezintsha kubadlali eziqhamuke kungalindelwe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.