USibisi uke waxakwa yizithombe efika kwiPirates, kodwa uyejwayela

USibisi ubewaxwaya izithombe efika kwiBucs, kodwa uyejwayela
UNkosinathi Sibisi ongumdlali we-Orlando Pirates omusha
Sbongs Gumbi

Umdlali omusha we-Orlando Pirates uNkosinathi Sibisi usencome indlela emukeleke ngayo kuleli qembu okwenze wajwayela yize kukhona nobekumxaka nje.

USibisi usayine kwiPirates esuka kwiGolden Arrows akhulela kuyo nabesehlale isikhathi eside kuyo.

Ukhulume okokuqala ngokufika kwakhe kwiPirates ngesikhathi ekhuluma nabe-website yaleli qembu ngoLwesine ntambama. Ihambe kanje ingxoxo yabo:

Pirates: Siyakwamukela kwi-Orlando Pirates. Uzizwa unjani njengoba usuyiBHakhaniya?

NS: Kuyintokozo enkulu. Bengingakaze ngicabange ukuthi kuyokwenzeka. Ngingakusho ngingananazi ukuthi yinto enkulu ngendlela yokuthi bengingayiphuphi kwakuyiphupha.

Ngabe zikhona izinguquko ezinkulu kulokhu okujwayele osuzibonile kusukela ufikile kwiPirates?

NS: Kuhlukile impela. Isibonelo nje, ngesikhathi sokulungiselela isizini kwi-Arrows besingayi ekhempini. Akukhona lokho kuphela.

Kukhona nezinye izinto ezifana nokushuthwa izithombe. Kuhluke kakhulu ngakho bekumele ngokujwayele nalokho.

Ngabe ukuhlangana nabanye babadllai obaziyo kudala kukusizile ukuthi uzizwe usekhaya lapha kumaBhakhaniya? 

NS: Impela kwenze izinto zaba lula, futhi bonke abadlali bangemukele kahle. Ngikhumbula ngisho usuku lwami lokuqala ngiza ejimini.

UPaseka Mako weza kimi wathi ‘uNKulunkulu mkhulu, kade ngangifisa ukudlala nawe eqenjini elilodwa’. Umuzwa muhle kakhulu futhi nozakwethu bangemukele kahle.

Ngabe ubheke ukuthi ushube umncintiswano wezindawo zokuqala umdlalo uma isizini seyiqala? 

NS: Kunjalo. Kukhona ukuncintisana kodwa ngicabanga ukuthi kuyinto enhle. Kwenza wonke umuntu akhiphe wonke amangwevu akhe.

Akubalulekile ukuthi kudlala bani endaweni ethile, kuhlezi kukhona osemuva kwakhe omfaka umfutho.

Ngokubheka indlela odlala ngayo, yikuphi okubona kukubeka ethubeni elingcono lokuthi uthole ijezi?

NS: Ngihlezi ngizimisele. Ngihlezi ngifuna ukuncintisana futhi ngibe ngongcono ngaso sonke isikhathi bese ngisiza iqembu libe ngcono.

Umdlalo wokuqala kuzoba yidabhi (bazobhekana neSwallows FC). Ngabe uyinto oyihalelayo leyo?

NS: Nakanjani. Ngikubheke ngabomvu ukudlala kulowo mdlalo. Sengike ngadlala emidlalweni yomkhaya phambilini.

Ngicabanga ukuthi nalona ngeke uhluke kakhulu. Kodwa nje wona sengiwubheke ngabomvu.

FUNDA NALA: ISekhukhune seyiqoke uLinda Mntambo waba ngukaputeni

Njengoba abalandeli bebuya ngokuphelele kule sizini, uzizwa unjani ngokudlala phambi kwezinkumbi e-Orlando Stadium?

NS: Besesibakhumbule abalandeli. Ukusifaka kwabo umfutho yinto esisiza kakhulu, ikakhulukazi kwiPirates.

Leli qembu linabalandeli abaningi abangakwazi ukukufaka umfutho noma ngabe izinto azikuhambeli kahle ngalelo langa, bakufukule. Ukubuya kwabo yinto sonke esiyijabulele.

Ukhona umlayezo okhethekile obheke kubalandeli beBucs?

NS: Ngingathanda ukubazisa ukuthi abalindele izinto ezinhle ngesizini ezayo. Siyazifuna izindebe. SIcela nibe nesineke, nisibekezelelethina nabaqeqeshi.

Sizozama ukwenza konke okusemandleni futhi sinethemba lokuthi sizokwazi ukubenza bajabule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *