Usihlalo weDowns ufuna awePremiership azobadlisela ogageni

UThlopie Motsepe
Sihle Ndlovu

UThlopie Motsepe, ongusihlalo weMamelodi Sundowns, uphonsele inselelo amaqembu eDStv Premiership ukuthi azame ukuncintisana nabo.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iSundowns inikwa ngokusemthweni indebe yayo yePremieship ka-2021/2022 eChatsworth Stadium, ngoMsombuluko. Abafana Ba-Style bashaye iRoyal AM ngo 3-2 emdlalweni wokugcina weligi.

“Kubalulekekile ukuthi thina njengompetha sibamukele labo abafuna ukuncintisana nathi,” kusho uMotsepe.

“Ngicabanga ukuthi lena kube yisizini enhle uma kukhulunywa ngokuncintisana. Kube khona izinselelo eziningi, kwiMTN8 bekukhona iCape Town City engasenzelanga izinto zaba lula.”

ISundowns seyiwine isicoco seligi kahlanu kulandelana. Lokhu kwenza ukuthi kusale imibuzo ukuthi amaqembu afana neKaizer Chiefs, yi-Orlando Pirates, AmaZulu FC neSuperSport United, ngabe asezingeni elifanayo yini laleli qembu laseChloorkp.

“Namuhla iRoyal AM isinike umdlalo onzima kakhulu, nokwenze ukuthi sisebenze kanzima ukuze sithole umphumela omuhle. Isizini ezayo izoba mnandi kakhulu, ngicabanga ukuthi kukhona amaqembu azoqinisa izikwati zawo asiphushe.

“Kodwa umsebenzi wethu njengompetha ukwenza isiqiniseko sokuthi senza konke okusemandleni ukwenza ibhola likhule futhi lijatshulelwe. Kodwa nakanjani ngibona isizini ezayo izoba mnandi.”

UMotsepe uthe ubonga ukubambisana eqenjini lakhe okwenza ukuthi liqhubeke nokuba nempumelelo.

“Ngithanda ukubonga abaqeqeshi beSundowns, abalandeli kanjalo nabadlali asebumnkantshubomvu eqenjini. Lapha sibala uDenis Onyango osewine isicoco seligi kayisihiyagalolunye.

“Ngeke ngikhohlwe yibo bonke abasekuphathweni kweqembu. Ngiyabonga kakhulu ukusebenza ngokubambisana,” kuphetha uMotsepe obekuyisizini yakhe yokuqala engusihlalo weqembu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *