Usihlalo weNewcastle All Stars uyalila ngomdlali odutshuliwe

UMpilonhle 'Bhova' Khanyezi
Sihle Ndlovu

INewcastle All Stars igqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni kukanozinti nokaputeni wayo, uMpilonhle “Bhova” Khanyezi.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiqembu ekhasini labalandeli be-All Stars kwiFacebook, uKhanyezi udutshuliwe ngezintatha zangeSonto (Mashi 20).

I-All Stars idlala kwiKwaZulu-Natal ABC Motsepe League B Stream, kanti iqede isizini ikunombolo 4. Iphinde yadlala futhi kweyamanqamu yesifundazwe, yokuhlungela iNedbank Cup Last 32.

Usihlalo weqembu, uThami Mthembu, ukhala ezimathonsi ngokushona ngokuzuma okungaka kukaBhova.

“Udume lwengozi lolu, engingazi ukuthi ngingaluchaza kanjani. Lo mfana ubengumgogodla weqembu lethu,” kusho uMthembu.

“Ubebukhali uma iqembu lihlasela, aphinde aqine uma livimba emuva. Kunzima kakhulu ngoba vele siqede isizini sesinonozinti oyedwa. Ngisathukile ngalesi sehlo namanje.”

Iqembu lidlulise amazwi enduduzo emndenini kaKhanyezi, ozokwabo abebedlala naye, nabalandeli beNewcastle All Stars.

“Sivelile emndenini ngoMsombuluko kodwa akukho okusahlangene mayelana nomngcwabo, ikakhulukazi ngoba yiholide,” kuphetha uMthembu.

Impempe izolulandela udaba ibikele abafundi ukuthi uzofihlwa nini uKhanyezi, obeneminyaka engu-24 kuphela.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *