Usihlalo weRichards Bay akangabazi bazonyukela kwiPremiership

UJomo Biyela
Sihle Ndlovu

Usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela, uthi akesabi nakancane ukuthi iqembu lakhe lingabenzela phansi ngeSonto ntambama.

INatal Rich Boyz kumele ingashaywa kuphela emdlalweni wayo wokugcina weGladAfrica Championship, bese ikhale yemuka nesicoco seligi. Izobhekana neCape Town Spurs eKing Goodwill Zwelithi Stadium, eMlaza, ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Asisekho isikhathi sokuqhuzuka manje. Umdlalo wokugcina weligi abadlali bayazi ukuthi yini okumele bayenze,” kusho uBiyela ekhuluma neMpempe.

“Kumele bangene enkundleni benze lokhu okumele bakwenze bese sijabule.”

IBay seyike yaba sesimeni lapho beyibukeka izokhuphukela kwiDStv Premiership kodwa yayilahla ekugcineni kumasizini edlule.

“Angifuni ukukhuluma ngokuthi kungiphathe kanjani okwenzeke ngokwedlule, ngifuna ukukhuluma ngomdlalo wanamuhla (ngeSonto),” kusho uBiyela.

“Engikwaziyo ukuthi abadlali bami ngomumo futhi bakulungele ukwenza iKwaZulu-Natal iziqhenye ngabo. Ngiyazi bazosenza siziqhenye namuhla.”

Iqembu elimise kabi iNatal Rich Boyz (53) yi-University of Pretoria enamaphuzu angu-51 endaweni yesibili. AmaTuks angahlala esicongweni uma iBay ingashaywa bese kuba yiwona ompetha.

Leli qembu lasePitoli lizobhekana neHungry Lions e-ABSA Tuks Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.