Usihlalo weSundowns uphikela abalandeli kwelokuvimba ibhasi le-Al Ahly

Usihlalo weSundowns uphikela abalandeli kwelokuvimba ibhasi le-Al Ahly
UThlopane Motsepe
OkaDonga Gumbi

Usihlalo weMamelodi Sundowns uThlopane Motsepe usebhalele uzakwabo kwi-Al Ahly uMahmoud El Khatib echaza ngesiga okuthiwa senziwe abalandeli beqembu lakhe.

NgoMgqibelo kuvele ukuthi iqeqebana labalandeli beSundowns ebelibheke emdlalweni waleli qembu ne-Al Ahly bavimbe umgwaqo la bekumele kudlule khona ibhasi lezimbangi zabo.

Lokhu kube yihlazo elibi nakhale kakhule ngalo umqeqeshi we-Al Ahly uPitso ethi lokhu kuwubuqaba obubi nobubuyisela ibhola emuva.

ISundowns yabe seyiveza ukuthi isibikele amaphoyisa ukuthi aphenye ngalokhu yathi nayo izokwenza olwayo uphenyo.

Yathi uma kutholakala ukuthi kukhona abalandeli abenze lokhu, bazobe sebenqatshelwa ukuphinde balibuke bukhoma leli qembu.

Encwadini uMotsepe ayibhekise ku-El Khatib owaziwa ngelikaBibo, uthe okusavelile ophenyweni wukuthi kwaziqondanela nje ukuthi ibhasi livimbeke kanti kunabalandeni eduze.

Sawubona mengameli u-El Khatib,” kubhala uMotsepe oyindodana yokuqala kaPatrice Motsepe ongumengameli weCaf.

“Ngethembe ukuthi konke kuhamba kahle kuwe nabo bonke abakwi-Al Ahly. Ulwazi esisalutholile luveza ukuthi ukubambezeleka kwebhasi kwadalwa yisiminyaminya emgwaqeni obheke iFNB owawusetshenziswa nangabalandeli ababelandela ibhasi le-Al Ahly besa enkundleni.

FUNDA NALA: UDolly uthi ukungabi khona kwabalandeli kuzuzisa amaqembu amancane

“ISundowns inomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi i-Al Ahly iphathwa ngendlela enenhlonipho, uzwelo, nesithunzi okuyifanele.

“IMamelodi Sundowns izinikele ekugcineni nokukhlisa ubudlelwa osebunomlando ne-Al Ahly ukuze kuzuze lamaqembu womabili, abalandeli nebhola lase-Afrika. 

“Sifisela wena ne-Al Ahly konke okuhle,”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.