USikhakhane unecebo Usuthu plungayigingqa ngalo iHoroya

USikhakhane unecebo Usuthu plungayigingqa ngalo iHoroya
UThembela Sikhakhane
OkaDonga Gumbi

UThembela Sikhakhane ubona AmaZulu engawunqoba umdlalo wawo weCaf Champions League azobhekana kuwo neHoroya AC yaseSudan ngoLwesihlanu kusihlwa.

Usuthu luyaxhugela kulo mqhudelwano eliwudlala okokuqala njengoba luvule ngenduku esigabeni samaqoqo, kodwa uSikhakhane uthi basangazijika izinto.

AmaZulu adlale kahle kodwa agcina elugobile uphondo kwiRaja Casablanca le ekuhambeni eMorocco ngeviki elidlule.

“Lo mdlalo esiphuma kuwo bewunzima kakhulu kodwa besingawuwina. Ngebhadi ke sahlulwa ngenxa yamaphutha esiwenzile lapha nalapha.

“Njengoba sesiya kowesibili nje umdlalo ngicabanga ukuthi sifunde okuningi kulo odlule,” kusho uSikhakhane kuleli viki.

“Enye yezinto esizifundile laphaya ukuthi singenzi amaphutha amaningi. Kulokhu sizokwenza konke okusemandleni ukuthi siwine iakhulukazi ngoba sisekhaya.

FUNDA NALA: UNcikazi ufathuze kakhulu odabeni lokungadlali kukaMhango

“Amajita azimisele. Sifuna ukwenza kahle. Sifuna ukwenza kangcono ukuze sidlulele emzuliswaneni olandelayo.”

Indlela abangawina ngayo lo mdlalo – ngokubona kukaSikhakhane – wukuthi bagxile kwabakwenza kahle bese benciphisa amaphutha.

“Ngicabanga ukuthi ngoba sibasha kulo mqhudelwano thina kumele senze izinto ngendlela yethu. Ikhona imidlalo enzima esesike sadlula kuwo njengalo weTP Mazembe.

“Saya kuyo sazi ukuthi sifuna ukuwina, sikwazi esibahle kukho esagxila kukho. Nakulokhu ngicabanga ukuthi kumele senze okufanayo ukuze sithole amaphuzu aphelele,” kusho lo mdlali oke wagijima kwi-Orlando Pirates.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.