USikhosana noma uMoloi? Ngubani ozowina olokuphatha i-ASA? 

UJames Moloi
 ALFRED NGUBANE
Kuzoshuba embangweni wesikhundla sokuphatha inhlangano eyengamele ezokusubatha kulel, i-Athletics South Africa njengoba kuzovotelwa abaphathi abasha ngoMgqibelo.
Umbango omkhulu ngophakathi mukaJames Moloi weGauteng Central Athletics no-Aleck Sikhosana, ophathe lesi sikhundla kusukela ngo-2016.
Bobabili banamava amahle kwezokusubatha nasekuphathweni kwazo kusukela emazingeni aphansi kuya phezulu.
Kuvela ukuthi uMoloi usekwa kakhulu izifunda eziyisikhombisa kanti uSikhosana wesekwa yizifunda eziyisithupha kwezingu 17.
Khonamanjalo, uSikhosana kubukeka enze kahle kakhulu kule nhlangano afike kuyo kusehlathini lokuhlala izingulube wakwazi ukuhlakula kwaze kwaze kuyakhanya ngaphansi kobuholi bakhe.
Okungase kumlahlekisele amavoti ukuphuza ukuvulela imijaho kuleli ngemuva kokuqedwa kwe-lockdown.
Abasubathi bake bakhononda kakhulu ngaleso senzo, kepha yena waziphendulela ngelokuthi kubalulekile ukuvikela izimpilo zabasubathi kulesinsimo seCovid-19.
 Kuzokhumbuleka ukuthi kubhuntshe imijaho eminingi kakhulu ngenxa yalolu khuvethe okubalwa neComdrade Marathon neTwo Oceans.
Le mijaho igijinywa ngabasubathi abaningi abaphuma emhlabeni wonke. Akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni phakathi kwalezi zinsizwa zombili ezimkantsh’ubomvu kwezokusubatha.
Ukhetho luzoba seKempton Park eGauteng ngoMgqibelo emini.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.