USikhosana usalulandela udaba lokunqindwa kukaCaster amandla

USikhosana usalulandela udaba lokunqindwa kukaCaster amandla
U-Aleck Sikhosana
Alfred Ngubane

U-Aleck Sikhosana usebhobokile ngodaba lukaCaster Semenya olususe umsindo omkhulu emhlabeni njengoba  inhlangano ephethe ezokusubatha emhlabeni imnqinda amandla lo msubathi.

Kwathi uCaster akangabe esagijima emabangeni amabili okungu-800m no-400m, kanti lokho kwenzeka ngaphansi kobuholi bakhe uSikhosana njengoba ebengumengameli we-Athletics South Africa.

Uthi ubabuzile abammeli abaphethe udaba lukaCaster ukuthi kumanje ngabe bakuphi nalo, bamtshela ukuthi balufake kwi-European Court of Human Rights njengoba ngaphambilini bachithwa yiMonaco Court.

FUNDA NALA: ULentjies ngeke amgqilaze uMatrose ogqame bedlala neChiefs

“Kumanje ngabe sesiyazi ngesinqumo kodwa kuvimbanise isifo sokhuvethe emhlabeni njengoba saqala ngo-2020 ekubeni lolu daba thina siluqale ngo-2019 .

“Kumele simeseke uCaster kule mpi abhekene nayo. Ngiyanxusa ukuba ongakwazi ukusiza ngendlela angasiza ngayo, aselule isandla ikuqinisekisa ukwenzeka kobulungiswa kulolu daba.

“Le nkantolo oselukuyo udaba lwakhe manje inamandla okuthi ingasiguqula isinqumo ngoCaster kodwa kumele sibe nesineke silinde,” kusho uSikhosana.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.