USikhosana uyisibonelo esihle kwabeChiefs ababhekene nomqansa onzima

USikhosana uyisibonelo esihle kwabeChiefs ababhekene nomqansa
UJerry "Legs of Thunder" Sikhosana
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Facebook

UJerry “Legs of Thunder” Sikhosana, owayedlalela i-Orlando Pirates, nguyena cishe umdlali okumele abadlali beKaizer Chiefs befunde kuye.

USikhosana nguyena ongachazela kahle abadlali beChiefs ukuthi kusho ukuthini ukuwina iCAF Champions League nokushaya igoli kowamanqamu.

Le nkakha yiyo eyaqinisekisa ukuthi iPirates iba yiqembu lokuqala laseNingizimu Afrika ukuwina iChampions League ngo-1995. USikhosana wayaziwa ngokungalibheki ipali nokushaya igoli njalo uma kuvimbe uBrian Baloyi ezintini zeChiefs.

IBucs yayibhekene ne-Asec Abidjan (eseyaziwa nge-Asec Mimosas) kowamanqamu owawuyimilenze emibili. Emlenzeni wokuqala kwaba ngu 2-2 kwathi kowesibili iPirates yawina ngo 1-0 ekuhambeni.

Lokhu kwenza ukuthi igcine iphumelele ngo 3-2. Lelo yigoli okungangabazeki ukuthi uSikhosana uyohlale eziqhenya ngalo. Abadlali be-Asec bashayisana bodwa wabashiya belele phansi uSikhosana, waqonda kunozinti naye wamjika wase elibeka enethini.

Leyo mpumelelo yeBucs yayisho lukhulu eNingizimu Afrika ngoba kwakuqala ukuthi iqembu lakuleli liwine iChampions League. Ngemuva kwalokho uMzansi wahlomula kakhulu ngokuba ompetha kase-Afrika kwePirates.

Lokho kwahlala obala sekudlalwa i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996 eyagcina iwinwe yiBafana Bafana. Eqenjini lakuleli kwakukhona abadlali bePirates abase bazi kahle ukuthi kusho ukuthini ukubhekana nezinkunzi zasenhla ne-Afrika.

Lapha sibala uHelman “Ncane” Mkhalele, Mark Fish, Edward “Magents” Motale, noJohn Moeti. IChiefs izobhekana ne-Al Ahly emdlalweni wamanqamu weChampions League, eMorocco, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.

Umehluko phakathi kwayo nePirates ukuthi yona izodlala umlenze owodwa kuphela, nokuchaza ukuthi konke kuzophela ngoMgqibelo eMorocco.

Amakhosi adinga owayo uJerry Sikhosana ukuthi ayishayele noma elilodwa nje igoli bese engadedeli lutho emuva, ukuze abuye nayo indebe eMorocco.

FUNDA NALA: Bakhona abadlali abamazi kahle uPitso namacebo akhe kwiChiefs

Bakhona abadlali beChiefs abangakwenza lokho, abanawo amava okudlala imidlalo emikhulu. Lapha singabala uLeonardo Castro, Samir Nurkovic, Bernard Parker, Khama Billiat noLebogang Manyama.

Akuzuba lula nokho ukudlala lo mdlalo wamanqamu kubadlali beChiefs ngoba i-Al Ahly iholwa uPitso Mosimane olazi njengoba ezazi ibhola laseMzansi.

Nokho Amakhosi kuzomele azame ukusebenzisa amava anawo bese ethemba ukuthi azoba naye uLegs of Thunder wawo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.