Usinde kukubi oweSundowns ehlaselwa abesifazane ngommese

Usinde kukubi oweSundowns ehlaselwa abesifazane ngommese
Intatheli yeMpempe

Ulanyulelwe amaphoyisa umdlali weMamelodi Sundowns ehlaselwa abesifazane ababili, abebesho ukumqeda ngommese emzini wakhe.

Kuthiwa kusize omunye obekhona kule ndlu okusuke kuyo isixakaxaka ofonele amaphoyisa, nawo asheshe afika amlamulela lo mdlali.

Ngokubika kweSunday World, uLesedi Kapinga uzithole esengozini ngesikhathi ehlaselwa abesifazane ababili emzini wakhe ngoMsombuluko odlule (Febhuwari 28).

Akucaci ukuthi bebefike kanjani laba besifazane emzini wakhe osendaweni ephephile iKyalami okusuke kuwo le ngxabano ecishe yaphetha kabi.

Kuthiwa uKapinga uzithole esevika izimpama laba besifazane abangadalulwanga bemhlasela, kwathi kusenjalo omunye wakhipha ummese.

Yilapho ke kube sekuba khona obikela onogada, bona babiza amaphoyisa ukuba azobheka ukuthi kwenzakalani.

“Amaphoyisa afikile akhuza, Abe esecela ukubona ummese obekuzanywa ukugwaza ngawo uLesedi,” usho kanje umthombo ocashunwe kuleli phephandaba langempelasonto.

FUNDA NALA: Ngabe uLorch usezoba ngubaba?

“Oyedwa walabosisi ube esewukhipha ummese wawunikeza amaphoyisa.” Amaphoyisa abe esebabopha labo sisi ebabeka icala lokushaya nokusabisa.

Lesi sigameko asimphazamisanga lo mdlali njengoba edlalile ngoMgqibelo iSundowns ihlulwa yiMaritzburg United kwiDStv Premiership.

Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uKaputeni Mavela Masondo, akazange alisho igama lothinteka kulesi sigameko kodwa wasiqinisekisa ukuthi senzekile.

“Icala lokushaya livuliwe emaphoyiseni aseMidrand ngoMsombuluko. Abasolwa ababili baboshiwe, babekwa icala lokushaya nokuhlukumeza.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *