Usinde ngokulambisa uTete engozini yemoto

Usinde ngokulambisa uTete engozini yemoto
UZolani Tete
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Ubonga elakubo uZolani “Last Born” Tete osinde engozini embi yemoto ngeSonto ekuseni. UTete, oseke waba ngumpetha womhlaba ngaphansi kweWBO ne-IBF esisindweni seFlyweight uphunyukwe yimoto abehamba ngayo ngabo-10 ekuseni ngeSonto, yaphaphalaza yaze yayozithela phezu kwenye.

Kuthiwa ngenhlanhla akulimalanga muntu kule ngozi. UTete ubehamba ngemoto eyiMercedes Benz ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Imoto yakhe ilimale ngendlela yokuthi ngeke isaphinde ilungiseke.

“Imoto ife yaphela nya. Mina ngifike endaweni yesigameko yena engasekho esethathwe ngabosizo lokuqala bamphuthumisa esibhedlela,” kusho imenenja kaTete, uMlandeli Thengimfene.

“Ngibe sengilandela imoto yabosizo lokuqala nami ngaya khona esibhedlela. Ngifice ukuthi bamxilonge ekhanda naseqolo ukuqinisekisa ukuthi akathintekanga ngampela yini kwazise izindawo ezibucayi lezi.

“Babe sebemdedela ngoba ubengalimele ndawo. Sibonga uMdali nabakubo abasekho ngokumhlenga kuleyanto. Uma ubheka izimoto ubungazitshela ukuthi kubhedile kobe phakathi,” kusho uThengimfene.

Bekungekhona okokuqala leli bhokisa liba sengozini yemoto njengoba nango-2018 yake yamehlela. Izimpi zikaTete zihlelwa phesheya kwezilwandle nguphromotha wase-UK uFrank Warren. Wephucwe izicoco zakhe nguJohnriel Casimero ngonyaka odlule.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.