USirino ‘oseqome engxenye’ usephinde wayinximfela iSundowns

USirino usephinde wayinximfela iSundowns 'oseqome engxenye'
UGaston Sirino
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usevele wafana nomakoti oseqome engxenye osehlalele izingane emendweni uGastin Sirino osevele anximfe ubala uma ecabanga ngeMamelodi Sundowns. Lo mdlali usekuveze kaningi ukuthi usefisa ukudlula kwiSundowns ayodlala kwi-Al Ahly.

Kusukela ezigigabeni zakhe zokushutha egqoke ijezi le-Al Ahly bese ebhala umbhalo othi yiphupho lakhe, kuya ekukhulumeni nabe-OnTime Sport la khona ukuthi inhliziyo yakhe seyise-Egypt.

Sekucacile ukuthi into esibambe lo mdlali yinkontileka anayo naleli qembu laseChloorkop. Ngokubika kwabePhakaaathi kuleli sonto, uSirino uphinde wakuveza ukungenami kwakhe.

Kuthiwa uSirino ufake kwi-Instagram isithombe sakhe esebhishi okubonakala sengathi akulona elakuleli. Ubebukeka ecabanga kude kulesi sithombe. Ube esesiphelezela ngombhalo othi: “Noma ngabe ingqondo ididekile, inhliziyo ihlezi iyazi impendulo”.

Ubhala lokhu nje kuthiwa akakabuyi kwiSundowns esiqalile ukuzicija ilungiselela isizini entsha. Nokho ubuye wakucisha lokhu kodwa bakhona abese bekubonile.

USirino wafika kwiSundowns ngoPitso Mosimane oseqeqesha kwi-Al Ahly kanti useke wazama ukumlanda. Imizamo ye-Al Ahly yokusayina uSirino ayiphumelelanga njengoba iSundowns yabeka enkulu imali le eyathi iyayifuna.

Nokho ukuziphatha kukaSirino kubukeka kungeyona into iSundowns eyidingayo ikakhulukazi njengoba yakha kabusha iqembu. Seyingaphansi kwesandla sikaManqoba Mgqithi oqeqesha ngokubambisana noRulani Mokwena.

Amathuba okuthi iSundowns ingamdayisela i-Al Ahly lo mdlali asemancane kakhulu njengoba kusanda kusuka esinamathambo phakathi kwayo noPitso. Kumanje kunecala elisenkantolo la iSundowns ifuna khona imali eyayikhokhela imenenja kaPitso ngokusayina kwakhe.

FUNDA NALA: Ususe umsindo uSirino eshutha nejezi le-Al Ahly iqeda kubadla

Le menenja yakhe ngumkakhe kanti nabo badaza inkani bathi abayikweleti lutho iSundowns. Ngesikhathi efike kuleli ne-Al Ahly uPitso, iqeqebana leSundowns lavimba ibhasi laleli qembu lathuka lo mqeqeshi ngezinhlamba ezisabusayo.

Ekhuluma ngalokhu, uPitso wathi uyabazi abathume laba balandeli, waphetha ngokuthi mhlawumbe into osekumele ayenze wukuthi alande uSirino noThapelo Morena kuleli qembu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.