USirino usazinikele kwiSundowns, kodwa abamfunayo bengamthola

USirino usazinikelwe kwiSundowns, kodwa abamfunayo bengamthola
UGaston Sirino
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi akukho okuhlukile endlelni aziphethe ngayo uGaston Sirino okungabenza basole ukuthi akasathandi ukuba kuleli qembu.

USirino uke wasusa umsindo emavikini ambalwa edlule efaka izithombe zakhe egqoke ijezi le-Al Ahly. Waphinde wakhuluma nesiteshi sase-Egypt wathi yiphupho lakhe ukudlala kwi-Ahly.

Ukubuya kwakhe sekwedlule isikhathi eholidini nakho kuvuthele lezi zinsolo zokuthi akaseneme neze eChloorkop usefuna ukushiya.

I-Ahly ivele ike yazama ngesizini edlule ukumthenga lo mdlali kodwa akwangavumelwana ngezimali, kwabhuntsha kanjalo.

USirino wafika ngoPitso Mosimane kwiSundowns kanti usefuna ukumlandela njengoba esekwi-Ahly nje manje.

Nokho uPitso usekuvezile ukuthi ngeke esazama ukulanda abadlali kwiSundowns ngoba kuba khona abakuthatha sengathi ulwa nabo uma enza njalo.

UMgqithi uthe uSirino ubukeka esazinikele ejimini futhi ukhona ezinhlwlweni zeqembu. Uthi kodwa uma kufika abafuna ukumthenga, iqembu lizobalalela.

“Ukukhuluma iqiniso nje, usebuyile e-Uruguay futhi ubukeka ezimisele (ngokuhlala kwiSundowns),” kusho uMngqithi.

“USirino ubonakala ezinikele eqenjini… ubebukeka ezinikele ejimini. Ngebhadi ke uthintekile edolweni kodwa ubuyelile ejimi kuleli sonto.

“Kodwa besingakamboni kodwa ngokwendlela abukeka ngayo, akabonakali engumuntu ofuna ukusishiya,” kusho uMngqithi.

Nokho uvumile ukuthi bazozwa ukuthi lifika nani uma kwenzeka kuba khona iqembu elithi lifuna ukumthenga.

“Iqembu licacisile ukuthi uma ehamba, kukhona abamfunayo kumele babeke into esile etafuleni kuzobe sekubhekwa ke kuxoxwe kusukwa lapho.

FUNDA NALA: UShabba uzinqumele yena ukushiya kuMaZulu ngoba ebona sengathi akasadingeki

“Iqembu alifuni ukubulala ikusasa likaGaston. LOkho kubalulekile kusihlalo, ibhodi nawo wonke umuntu okhona eqenjini.

“Uma engasafuni ukudlala kwiSundowns, kukhona abeza kithi nemali ebhekile iqembu lizobalalela. Kodwa ke okungekuhle wukuthi kuyaye kube nokukhuluma okuningi kodwa bese behlulwa ukwenza uma sekumele babeke imali etafuleni.

“Njengamanje sizolinda sibheke ukuthi kwenzakalani, kodwa ngokokuzinikela, lo mfana ubukeka kahle,” kuchaza uMgqithi.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.