USirino uthi iSundowns ikhathele ukuba yizimpelesi kwiChampions League

USirino uthi iSundowns ikhathele ukuba yizimpelesi kwiChampions League
UGaston Sirino
OkaDonga Gumbi

UGaston Sirino uthi iMamelodi Sundowns seyikhathele ukuphelezela amanye amaqembu kwiCaf Champions League bese yona ijika endleleni.

Uthi kulokhu bafuna ukuthi basidle lesi sicoco esengesikhulukazi ebholeni lamaqembu e-Afrika.

ISundowns izingenele kalula esigabeni somkhumulajezi njengoba ingazange idliwe nakanye esigabeni samaqoqo.

Nokho uSirino uthi bayazi ngeke kube lula kulesi sigaba asebekuso kwazise uma uke wabhacaza, uyaliwasha ijezi.

ISundowns izogadulisana nePetro de Luanda yase-Angola ngoMgqibelo ngo-6 ntambama eNovember 11 Stadium.

“Isizini ngayinye yehlukile (kulo mqhudelwano). Sidlale kahle kumasizini edlule kodwa asikwazanga ukudlulela ezigabeni ezilandelayo.

FUNDA NALA: Kwethulwe uhlelo lokugqugquzela iNetball eKZN

“Ngakho manje kumele siqaphele kakhulu, sidlale ngalokhu kuzimisela ebesilokhu sidlala ngakho,” kusho lo mdlali osebuyela efomini yakhe yakudala.

“Kuzoba nzima vele ngoba le midlalo yeCaf yehlukile. Kukhona imidlalo la kumele uzinikele ngakho konke ngisho impilo yakho ukuze iqembu lidlulele phambili.

“Siyabazi bayiqembu elinzima uma besekhaya futhi bazozama ukuthi bakusebenzise lokho, basifake ngaphansi kwengcindezi.

“Kodwa nathi sineqembu eselinamava futhi elikwaziyo ukumelana nanoma yiyiphi inselelo kanti uma sizimiselile, singakwazi ukubuya nomhumela omuhle,”  kusho yena.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.