USirino uyibona isendleleni ebheke ekubutheni zonke izicoco iSundowns

UGaston Sirino noThemba Zwane

OKADONGA GUMBI
Uma behlangene kahle, bangahlakaza noma yiliphi iqembu njengoba bekhombisile beshayela ekhaya iTP Mazembe obese kuphele iminyakanyaka ingayazi induku eMogadishu, eCongo DR.
Kodwa iMamelodi Sundowns yakujika konke lokho, iyifaka induku ka 2-1 emdlalweni weCAF Champions League la oGaston Sirino, Themba Zwane noPeter Shalulile babevutha bengabaselwe.
Ukusheshe bazwane, bakwazi ukudlala ngokuhlangana nabadlali abasha eqenjini yikho okwenza uSirino abone benethiba elihle lokubutha zonke isicoco abazodlala kuzo kule sizini.
“Senza kahle kakhulu njengamanje,” kusho uSirino. “Ngisefomini enhle futhi neqembu liyayithola imiphumela ejabulisayo.
“Yonke into ihamba kahle ngoba sonke siyabona ukuthi sisemweni esihle, kusekude phambili kodwa uma singaqhubeka ngalo mgqigqo lukhulu esingaluzuza,” kuchaza lo mdlali odabuka e-Uruguay.
ISundowns isajaha izicoco kwiDStv Premiership, Nedbank Cup neCAF Champions League kanti eseligi yakuleli sibukeka sesimxhakeni yize isasalelwe yimidlalo engu-12.
Nokho lokhu kusho ukuthi ihlezi inemidlalo enzima elandelana eduze okwenza ijoka lisinde. Kodwa uSirino uthi akukho ukubaleka, kumele bafake igeja phansi.
“Kumele sizinakekele ukuze sizokwazi ukunqoba zonke lezi zicoco esizidlalelayo. Uma ubheka iqembu, sinabo abadlali abafanele ukukwenza lokho.
“ISundowns yiqembu elikhulu futhi ukunqoba yinto esegazini kithi, ngakho kumele siphume inqina sibuye nezindondo njengoba besenza yonke le minyaka,” kusho yena.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.