USithebe ufuna bahlale belushaya njalo Usuthu

Sibongs Gumbi

Umdlali waseswini weKaizer Chiefs, uSiyethamba Sithebe, ufuna badlule ngehubo eqenjini lakhe lakudala AmaZulu FC – hhayi ngoba ulibambele amagqubu.

Noma kungathiwa ulibambele amagqubu ababaningi abangamsola ngemuva kwendlela aphathwa ngayo abaphathi boSuthu ngasekupheleni kokuhlala kwakhe kuleli qembu laseThekwini.

USithebe wasayina inkontileka yesibambiso neChiefs ngoJanuwari nokuyinto eyacika uSandile Zungu ongumengameli woSuthu, waze walibeka ngembaba elokuthi ngeke aphinde agqoke ijezi loSuthu. Lokhu kwakusho ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-29 waseNewcastle, uzohlala izinyanga eziyisithupha zonke engalithinti ibhola.

“Engingakusho ukuthi leso sikhathi sasinzima kakhulu kusho,” uSithebe ngesikhathi ebuzwa ngesimo sakhe ekomkhulu laMakhosi eNaturena ngoLwesithathu.

USithebe uthe lesi yisahluko asedlulile kusona njengoba manje esebheke ukuzenzela igama eqenjini lakhe elisha. Ungomunye wabadlali abavame ukuqala imidlalo ngaphansi komqeqeshi u-Arthur Zwane.

“Kodwa kusukela sisalungiselela isizini ngemuva kokujoyina iChiefs izinto zaba lula kakhulu. Kwaba lula ukuthi ngisheshe ngijwayele ngenxa yendlela engamukeleka ngayo.

“Sisendleleni ekahle kanti neqembu liyahlangana. Ukuthi nje asibanga nenhlanhla kweminye imidlalo sangawashaya amagoli,” kwengeza uSithebe.

Uyazi ukuthi ukuze baphinde bathenjwe abalandeli baMakhosi kumele bazame ukugcina umgqigqo wabo emidlalweni eminingi.

“Nakanjani iKaizer Chiefs iyiqembu elikhulu futhi inabalandeli abaningi kakhulu. Bonke laba balandeli bayaphuma bazosibuka ngakho ingcindezi ihlale iphezulu.

“Kuba nzima kakhulu uma singayiwini imidlalo. Kumele siqale siwine imidlalo ukuze siduduze abalandeli singabi nengcindezi enkulu kakhulu. Uma uwina okungasenani imidlalo emibili kulandelana bayaqala bakholelwe kinina futhi ngicabanga ukuthi yilokho okumele sikwenze.”

IChiefs izohlangana neqembu likaSithebe lakudala emdlalweni womlenze wokuqala weMTN8 eFNB Stadium, eSoweto, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

“Kuhlale kukhona lokho emqondweni wami ukuthi leli yiqembu lami lakudala nokuthi indlela engashiya ngayo ayiyinhle neze. Kodwa uma ngidlala ngihlale ngifuna ukwenza kahle ngizinikele 100%.“Emdlalweni wethu wokugcina sidlale ngokulingana kodwa ngangifuna siwine. Sageja iphenathi saphinde salahla amanye amathuba. Into engintayisho ukuthi ngiyohlale ngizinikela ngakho konke,” kusho uSithebe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *