USithebe ufuna beyishaye isalele iGalaxy ‘engaba yingozi’

USithebe ufuna beyishaye isalele iGalaxy 'engaba yingozi'
USiyethemba Sithebe
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali waMaZulu FC uSiyethemba Sithebe ufuna bayishaye kahle isalele iTS Galaxy uma lamaqembu esehlangana emdlalweni weDStv Premiership.

Lo mdlalo uzoba seMbombela Stadium ngoLwesibili ngo 5.30 ntambama kanti uSithebe ubona ithuba elihle loSUthu lokudla amaphuzu.

Ukholwa wukuthi isimo asisihle njengamanje ekhempini yeGalaxy njengoba kusanda kudilizwa ithimba elidala labaqeqeshi kwangena elisha aliholwa uSead Ramovic.

“Umdlalo wasekuhambeni ngakho ngeke kuze kube ngolula,” kusho uSithembe ngalo mdlalo. 

Njengoba Usuthu ludlala nakwiCAF Champions League kule sizini, uSithebe ufuna basheshe bawaqoqe kwiligi amaphuzu.

Uthi lokhu kuzokweza bakwazi ukubhalansisa kahle imikhankaso yabo kungabi khona la besala khona emuva kakhulu.

“Umdlalo wokugcina esiwudlalile bekungoweCAF kanti ayifani neze le mikhankaso. Kodwa ngicabanga ukuthi sinabadlali abenele ukubhekana nayo yonke.  

“Kumele siwunqobe lo mdlalo ngoba basadonsa kanzima futhi basanda kuthola umqeqeshi omusha.

“Kodwa kuzomele sizibambe ziqine ngoba abadlali bazobe befuna ukuziveza kumqeqeshi omusha.

FUNDA NALA: UDolly uthi maningi amaqembu asazothola isibhaxu kwiChiefs

“Kumele sizikhandle ngoba kumele sithole amaphuzu ukuze sinyuke singene emaqenjini amahlanu aphezulu okungenani,” kusho uSithebe. 

Womabili lamaqembu ayiqale ngebatha imidlalo yeligi. Bheka nje Usuthu lusawine owodwa emidlalweni eyisithupha kanti luhleli endaweni yesishiyagalolunye.

IGalaxy ke yona kubi kakhulu. Emidlalweni eyisithupha ayikawini nowodwa futhi iyibambe emsileni njengoba inamaphuzu amabili kuphela.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.