USithebe ukhathele ukudlalela iphuzu elilodwa, uwafuna egcwele

USithebe ukhathele ukudlalela iphuzu elilodwa, uwafuna egcwele
USiyethemba Sithebe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali wasesiswini waMaZulu FC uSiyethemba Sithebe, uthi kumele balungise amaphutha uma sebebhekene neChippa United koweDStv Premiership ngoLwesibili.

La maqembu azophinde atholane phezulu eJonnson Kings Park ngo-3.30 ntambama.

Kuzobe kusaphele izinsuku ezimbili kuphela njengoba ebambane ngo 1-1 koweligi eNelson Mandela Bay ngoMgqibelo.

“Umdlalo esizowudlala nabo ubaluleke kakhulu. Sidinga amaphuzu amathathu ikakhulukazi ngoba umdlalo wethu wasekhaya,” kusho uSithebe.

“Siwabonile amaphutha ethu njengoba besidlala nabo ekuhambeni ukuthi yikuphi lapho kumele silungise khona.

“Nokubacungula kula kakhulu ngoba kuzobe kusaphele izinsuku ezimbili kuphela sidlale nabo.”

Usuthu alusayazi iwini njengoba lulokhu ludlala ngokulingana. Empeleni leli qembu laseThekwini yilona elizihola phambili ngokudlala ngokulingana, eselukwenze kawu-11 emidlalweni engu-16.

“Siyazi ukuthi iChippa idlala kanjani nokuthi lingene kanjani igoli labo abalishayile. Ngicabanga ukuthi amalungiselelo azoba lula,” kusho uSithebe.

FUNDA NALA: Ihlazo isikhulu sePirates sidedela ulabhabha koweGalaxy

“Ngiyajabula ngokuthi okungasenani asishaywa emidlalweni yize nje sidlala imidlalo eminingi ngokulingana.

“Nokho kubalulekile manje ukuthi sithole iwini. Uma singathola amawini amabili noma amathathu ukuzethemba kwethu kuzobuya kakhulu.”

Akukho ukuphumula kuMaZulu ngoba ngemuva komdlalo wangoLwesibili azolibangisa ePeter Mokaba Stadium lapho ezibhekana neMarumo Gallants ngoLwesihlanu.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.