USithebe uzojabula uma ekora kuMaZulu, uncoma uBimenyimana

USithebe uzojabula uma ekora kuMaZulu, uncoma uBimenyimana
USiyethemba Sithebe

 

USiyethemba Sithebe uzophula umthetho ongabhalwe ndawo uma kwenzeka ekora kuMaZulu FC. Lo mthetho uthi umdlali akajabuli uma ekore eqenjini abedlala kulo phambilini.

USithebe ubedlala kuMaZulu ngaphambi kokujoyina iKaizer Chiefs ngokusayina inkontileka yesibambiso ngoJanuwari okuyinto eyamdalela amazinyo abushelelezi.

Umengameli waMaZulu uSandile Zungu waciceka ngendlela yokuthi wakubeka kwacaca ukuthi lo mdlali ngeke aphinde adlale Osuthwini.

Lokhu kwenze uSithebe ahlale izinyanga eziyisithupha ejima kuphela kodwa uma kuyiwa emidlalweni asale ngemuva.

IChiefs izogadulisana noSuthu emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 eFNB Stadium ngeSonto ngo-3-30 ntambama.

Yize ethi akanalo igqubu noSuthu, kodwa uSithebe uthi uzolijabulela ngendlela ejwayelekile nje uma kwenzeka ebhakuzisa inethi ngeSonto.

“Ngizojabula uma kwenzeka ngikora,” kusho uSithebe. “Kodwa lokho akusho ukuthi nginengcindezi yokuthi ngikore noma yokuzibonakalisa kubo.”

Uphinde wancoma umgadli wabo omusha uCaleb Bimenyimana ngokuthi wenza babe nezindlela eziningi zokuhlasela ngoba uhlala esebhokisini. 

FUNDA NALA: Riveiro: ‘Sikhombisile ukuthi iPirates ingamelana neSundowns’

Lolu nkonko lomgadli odabuka eBurundi lwabingelela ngamagoli amabili kwiChiefs awashaye emdlalweni odlule beshaya iSuperSport United ngo 2-1 oweligi.

“UBimenyimana ungumgadli ohlale efuna amagoli. Uzohlezi umthola engaphakathi ebhokisizi lezitha,” kusho uSithebe.  

“Owethu umsebenzi wukuthi simthumelele amabhola. Wenza izinto zibe lula kithi ngoba uma uphenduka nebhola uyazi uzomfica ekhona,” kwengeza uSithebe.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *