USithebe uzokhumbuza abalandeli beChiefs izinsuku zikaShabba

USiyethemba Sithebe weKaizer Chiefs
Sihle Ndlovu

USiyethemba Sithebe, osanda kwethulwa ngokusemthethweni yiKaizer Chiefs, ubukeka ezokhumbuza abalandeli baleli qembu umdlali walo wakudala uSimphiwe “Shabba” Tshabalala.

Mhlawumbe hhayi ngendlela ngayo lo mdlali osuka kuMaZulu kodwa ngendlela abukeka ngayo nesiqu sakhe. Lo mdlali unama-dreadlock bese abe nezigwegwana njengaye uShabba.

Uma ubuka uSithebe ekude ucisho ufunge ugomele ukuthi uTshabalala, owashaya igoli lokuqala leNdebe yoMhlaba ka-2010 eFNB Stadium, iBafana Bafana ibhekene neMexico.

Akubanga lula neze kuSithebe kulezi zinyanga ezedlule azihlale kuMaZulu. Kuthe uma kuvela ukuthi usesayine inkontileka yesibambiso neChiefs ngoDisemba noma ngoJanuwari, kwasuka ukukhuluma.

Usihlalo waMaZulu uSandile Zungu ubevutha kakhulu ngalokhu, ekhala ngokuthi iChiefs ibahambe ngemuva yaxoxa nomdlali singakashayi isikhathi sokwenza lokho. Inkontileka kaSithebe ibizophela ngoJuni lo osuya emaphethelweni, kanti amaqembu abevunyelwe ukukhuluma naye ngoJanuwari.

UZungu ubekhala ngokuthi iChiefs ikhulume naye ngoDisemba futhi nenkontileka yesibambiso uyisayine ngayo le nyanga. Ube eselibeka ngembaba elokuthi lo mdlali ngeke aphinde aligqoke ijezi laMaZulu yize ebezohlala kuwona kuze kuphele isizini. Uke waphatha neyokufakela iChiefs icala kwiFifa.

Nempela kube njalo njengoba uSithebe ebejima kuphela kuMaZulu kodwa engavunyelwe ukudlala. Ubengavunyelwe nokukhuluma nabezindaba njengoba ubengadlali.

Ekhuluma neMpempe kafushane ngokuntshontsha sekuzophela isizini, uthe ujabule ukuthi sekuyantwela ezansi.

“Sekusele amasonto ambalwa manje bese kuyalunga. Engingakusho ukuthi isiyohlangana emaphaseji asenkundleni yaseGoli,” uyibeke kanje uSithebe ehleka.

Lo mdlali bekudingeka aqine ngempela ngoba akulula ukujima kodwa ungadlali izinyanga eziyisithupha. Manje sekumele akhombise abalandeli baMakhosi ukuthi uphetheni njengoba ezobe ebakhumbuza uShabba uma esenkundleni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.