USiziphiwe uphiwe ubizo lokufukula isibhakela eKZN

USiziphiwe uphiwe ubizo lokufukula isibhakela eKZN
USiziphiwe Mfeka
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Sithunyelwe

Iphini likamengameli weKwaZulu-Natal Boxing Styles uSiziphiwe Mfeka uthi ufuna ukuthuthukisa amabhokisa asafufusa ngaphansi kwesifunda ssaeHarry Gwala.

USiziphiwe, ongowokuzalwa eXobho, uthi bake babhekana nesimo esinzima kule minyaka embalwa edlule ngenxa yokungalutholi uxhaso komasipala abangaphasi kweesifunda abakuso.

Kodwa manje ikhwelo sebelishaye lazwakala njengoba seluze lwagoba uphondo kulabo masipala.

Lo mkhandlu usele emuva kakhulu ekukhiqizeni amabhokisa asafufusa namela isifundazwe kanjalo nezwe.

“Sisalele emuva ngenxa yokuntula izinsiza zokujima nezingqalasizinda zakhona,” kusho uSiziphiwe ekhuluma neMpempe kuleli viki.

Lesi sifunda sinomasipala okuyiDr Nkosazane Dlamini Zuma Municipality, Kokstad Municipality, Mzwabantu Municipality noMzimkhulu Municipality.

USiziphiwe ufunge wagomela ukuthi kuzophela isikhathi anikwe sona yiKZN Boxing Styles usubonakele umsebenzi awenzayo.

“Mkhulu wona lo msebenzi. Oseqhulwini owokufukula isibhakela ngaphansi kwesifunda saseHarry Gwala.

“Ngifuna kuphele lesi sikhathi enginikwe sona sekukhona amabhokisa asemeleNingizimu Afrika kuma-Olympics aqhamuka lapha.”

Le ntokazi ibuye yahlebela Impempe ukuthi banohlelo lokuthatha amabhokisa bayowacija e-Eastern Cape ngenxa yobudlelwano obuhle abanabo nalesi sifundazwe.

FUNDA NALA: UDolly uthembisa ukuqhubeka nefomu enhle yamagoli kwiChiefs

Kuzokhumbuleka ukuthi i-Eastern Cape inamabhokisa amaningi aphumelele kakhulu lapha eNingizimu Afrika njengoba asenqobe amabhande amaningi anohlonzo.

Kukhona nabaqeqeshi abaphezulu abanolwazi olunzulu kakhulu.

Le ntokazi ibonakala nasemehlweni ukuthi lo msebenzi iwuqonda kahle kakhulu ayifuniseli ngawo.

Ingomunye wabasukumela ukuthuthukiswa kwezamankomane eHarry Gwala ngaphambi kokuthi aze athole lesi sikhundla akuso manje.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.