USkapie uveza okwamxoshisa kwiChiefs esathandwa ngabalandeli

USkapie uveza okwamxoshisa kwiChiefs esathandwa ngabalandeli
UThabiso "Skapie" Malatsi
OkaDonga Gumbi

Owayedlala kwiKaizer Chiefs futhi ethandwa ngabalandeli ngoba ebakhumbuza izikhathi zakudala ngomjiko wakhe, uThabiso “uSkapie” Malatsi, useveze okwamqhatha naleli qembu.

USkapie wanyuselwa eqenjini elikhulu kwiChiefs ezovala isikhala sikaJabu “Pule” Mahlangu kanti abaningi babembona ezosivala khaxa.

Lokhu kwakungenxa yokuthi naye wayenomjiko osheshayo obheke phambili futhi edaye nezinwele zampunga ekhanda njengaye uMahlangu.

Nokho ukuxabana nomqeqeshi wangalesi sikhathi uMuhsin Ertugral ngesikhathi bezicija, yikho okwenza isimo saba muncu phakathi kwakhe neqembu.

Elandisa abe-Off the Pitch with TK ngokwenzeka kuye, uSkapie uthe wafongqa ivesti lokujima wabe eselishwiba eshaya ngalo u-Ertugral ebusweni.

“Ngicabanga ukuthi sasisanda kubuya eFrance kade sihambe neqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kuka-23, siyodlala i7 Nations Cup.

“Okwakwenzeka kwiChiefs ngaleso sikhathi wukuthi iqembu labadlali abangu-18 abazodlala ngempelasonto laliqokwa ngoLwesine,” kusho uSkapie owadlala kwiChiefs phakathi kuka-1999 no-2001.

“UMuhsin wayekhetha elakhe iqembu labadlali abangu-11, bese uDoctor (Khumalo) noAce (Khuse) ababengamaphini akhe bakhethe elabo iqembu.

“Kwakube sekudlalwa ke womabili la maqembu,

“Kwakuvamise ukuthi elethu iqembu elaliqokwa uDoctor no-Ace, kube yilo elidlala kahle kunelika-Ertugral.

“Ngalelo langa ngangidlala noDoctor esiswini, kuphume wonke umuntu (osebenza eNaturena) bezosibuka kukhona ngisho uKaizer Motaung.

“Sase sishaye amagoli amabili bengakalishayi bona, uDoctor wathi kimi, ‘Skapie, asibajike manje la bantu’. Sathi uma sesikwenza lokho, wacasuka uMushin.

“Wamemeza uTinashe Nengomasha wamtshela ukuthi ‘gxoba uSkapie khona engeke aphinde akujike’. Ngasala ngizibuza ukuthi umqeqeshi onjani lo okhuluma kanje.

FUNDA NALA: Umqeqeshi weHoroya uthi uyawazi AmaZulu abazobhekana nawo kwiChampions League

“Mina ke ngangivele ngikwazi ukudoja umuntu ofuna ukungihlaba. Ngeke ngamsola uNengomasha ngoba wayetshelwe umqeqeshi ukuthi angigxobe.

“Ngadlala elinye ibhola siphaselana noCalvin Mushangazhike, kwathi kusenjalo washelela wawa. Mina ngabe sengigxuma ngiqhela ngoba ngazi ukuthi uNengomasha uyeza.

“Engakwenza mina ngaphasa ibhola qede ngaphela, uTinashe wabe esekhahlela uCalvin ebusweni, walimala ngasesweni wavuza igazi,” kuchaza uMalatsi.

Uqhube wathi yilapho ke okwasuka khona ukukhuluma okwagcina naye sekumkhuba emoyeni waze waduba, washikila wazihambela.

“UMuhsin wabe eseza kimi egijima umbona ukuthi uyaqhuma yintukuthelo engithuka – yilapho ke engakhumula khona ivesti lokujima ngamshaya ngalo ebusweni.

“Ngabe sengiphuma enkundleni, ngangena ezindlini zokushintshela ngathatha isimpahla zami. Angizange ngisageza kwakugeza.

“Ngangena emotweni yami ngayidumisa ngahamba. Kodwa uBobby (Motaung) wangimisa wathi, ‘uma uke waphuma ngaleliya sango, ungaphinde ubuye la’

“Ngavele ngambuka ngase ngithi ‘kulungile phela’ ngabe sengishaya imoto ngahamba,” kusho uMalatsi.

Ukusuka lapho akuphindanga kwalunga phakathi kwakhe neqembu waze wagcina ngokubolekiswa kuMaZulu la okungazange kumhambele kahle.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.