Usola abadlali beSwallows ngokungawuhloniphi umsebenzi uKerr

Usola abadlali beSwallows ngokungawuhloniphi umsebenzi uKerr
Uphele zibambene umdlalo we-University of Pretoria neSwallows FC
OkaDonga Gumbi

Usole abadlali bakhe ngokuwuthatha kancane umsebenzi wabo umqeqeshi weSwallows FC uDylan Kerr ngemuva kokubambana ngo 0-0 ne-nivesirty of Pretoria ngoMgqibelo ntambama.

Lamaqembu abegadulisana emdlalweni wokuhlunga iqembu okuyilo elizodlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Lo mphumela uvune AmaTuks njengoba kuseyiwo aphambili kule ligi yamaqembu amathathu yize ilingana ngamaphuzu neDube Birds esezithendeni zabo.

ICape Town All Stars iyona esemsileni njengoba isahlulwe kuyo yomibili imidlalo eyidlalile kodwa isenalo nayo ithuba njengoba isele nemibili.

UKerr uqale wathula isikhashana esacabanga ngendlela azophendula ngayo ngesikhathi ebuzwa ngamathuba abawayekayo ngemuva komdlalo.

FUNDA NALA: Inkakha yePirates uthi uBenni engamvusa uTyson kwiPirates uma kuqashwa yena

“Kumele bakhombise intshisekelo nokuzimisela uma sizicija ejimini. Anginankinga namancoko nokujovana okwenzeka ejimini,” kusho uKerr.

“Kodwa uma sizicija indlela esigoba ngayo amabhola nesiwasebenzisa ngayo lawo amabhola agotshiwe bese kuthi emabholeni ayishumi sisebenzise elilodwa ngendlela kusho ukuthi ayikho into esiyenzayo.

“Ubonile namanje bekuyileyo inkinga. Sengikhathele ukubathethisa manje ngalento. Sekumele bazikhumbuze bona izinga abadlala kulo.

“Lo mkhuba wokushweba amathuba amahle nalula kumele uphele. Angikholwa wukuthi laba badlali basesimweni esifanele ngokwengqondo ukuthi bazimisele ejimini ukuze sizicije kahle.

“Kumele bazi ukuthi kuwumsebenzi wabo ukuthi bazimisele uma sizicija ukuze sikwazi ukuthoal imiphumela emidlalweni,” kuchaza uKerr.

AmaTuks azobhekana neGugu leKapa eKapa ngoLwesithathu kanti uma engathola umphumela omuhle kulo mdlalo kungayifakela ingcindezi enkulu iSwallows.

EzaseDube zona zizobhekana ne-All Stars khona eKapa nazo ngoMgqibelo ozayo emdlalweni okuzobe sekungowokugcina kuleli qembu lika-Allan Freese.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.