Usola abadlali ngokulwisa unompempe obabambe inkunzi oweLeopards

URodney Ramagalela weBlack Leopards ebangabibhola moRiaaz Ismail weMaritzburg United

MTHOKOZISI MNCUSENI

Umqeqeshi weBlack Leopards uLehlohonolo Seema uhlabe isenzo sabadlali bakhe abacasulwe ukuthi iMaritzburg United ithole iphenathi ngomzuzu wesithathu esikhathini esengeziwe balwisa unompempe.

Kulo mdlalo obuseHarry Gwala Stadium, eMphithi, la maqembu alwa impi yokubalekela ukugencwa yizembe ashayane kwaze kwabukeka sengathi azocazelana amaphuzu kodwa kwashintsha lokho ekugcineni.

Ngomzuzu wesithathu esikhathini sikanondweba uRyan Rae udlaliswe kabi ebhokisini okudale iphenathi ethathwe nguThabiso Kutumela wayibeka enethini ngoka-93.

“Ngiyazi kuyaphoxa ukujikelwa umphumela umdlalo usuyophela kodwa angihambisani nendlela abadlali bami abenze ngayo ngoba uma unondweba eseyibekile iphenathi akukho okunye osuke usengakwenza.

“Ngiyafana nabo nami angibonanga kahle ukuthi le phenathi idaleke kanjani kodwa ngiyazi ukuthi uma isibekiwe kusuke sekufanele ubheke phambili ngoba isinqumo sikanondweba sisuke singeke sisashintsha,” kusho uSeema.

Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi bekufanele bagoduke nawo ephelele amaphuzu kodwa kwangenzeka.

“Nendlela nje esishintshe ngayo isikimu kanjalo nabadlali besazi ukuthi amathuba okudla amaphuzu agcwele kulo mdlalo maningi,” kusho yena.

Nakuba umphumela ungazange umvune kodwa uSeema uneme ngendlela amaqembu womabili adlale ngayo.

“Isimo esikusona siyaziwa ngakho bekulindelekile ukuthi umdlalo ube nalo mfutho obunawo. Silwela into efanayo neTeam of Choice.

“Umdlalo ubumuhle futhi kucaca ukuthi alikho iqembu elizimisele ukuzithela ngabandayo. Ukwesaba ngenxa yendawo esikuyona bekubonakala lapha nalaphaya.

“Ngeke nangengozi ngisole abadlali bami. Kunzima ukuwamukela lo mphumela ngoba besibona sengathi ithuba lokudla la maphuzu likhona.

“Indaba yonakale sebethola iphenathi. Ngisazoke ngiyibheke kahle yize kungeke kusashintsha lutho lokho. Abadlali bami kufanele bafunde ukuthi isinqumo sikanondweba singujuqu.

“Yize ngikusho lokhu kodwa ngiyaqonda futhi ukuthi kungani beziphathe ngale ndlela engingayithandi,” kusonga uSeema.

Umdlalo olandelayo weligi, iLeopards izokwamukela iLamontville Golden Arrows esanda kuyishayela ekhaya (muva nje).

Email: mthokozisi@impempe.com

Twitter: @MthokozMncuseni

Facebook:Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *