Usola izinkinga zangasese ngokuboza kukaBilliat u-Ertugral owayeqeqesha iChiefs phambilini

UKhama Billiat weKaizer Chiefs

OKADONGA GUMBI

UMuhsin Ertugral ukhala ngokuthi akukwazi ukuthi uKhama Billiat usengaba ukufika kwiKaizer Chiefs aphenduke umdlali ojwayelekile nje engabe esaba yisibabane sesihlabani abeyiso phambilini ngaphandle kwesizathu.

Lo mqeqeshi oseke walolonga amaqembu ehlukene kuleli okukhona kuwo ne-Orlando Pirates, uthi usola ukuthi kukhona izinkinga ezithikameza lo mdlali waseZimbabwe, okumele asizwe kuzo ukuze ezobuyela ebholeni lakhe.

Ngaphambi kokusayina kwiChiefs, uBilliat unewuqanduqandu kwiMamelodi Sundowns futhi alikho iqembu ebelingamfisi kuleli ngaleso sikhathi ngoba ngisho o-Al Ahly namaqembu ase-Europe bake baveza isifiso sokumsayina.

Kodwa selokhu afika eNaturena akadlali ngendlela efanayo kanti lokhu sekumakhele nezitha phakathi kwabalandeli beChiefs. Kumanje akucaci noma iChiefs isazomgcina yini njengoba inkontileka yakhe iphela ngoJuni.

“Mina okokuqala engingakwenza wukuhlala naye phansi sixoxe. Nginesiqiniseko kwayena akajabule ngendlela adlala ngayo nezinga akulo njengamanje,” kusho u-Ertigral ekhuluma nabe The Beautiful Game.

“Ngiyabona sekukhona nabantu abangeneme ngezinga lakhe. Mina ngokumazi kwami, ngiyacabanga naye angazigxeka (ngendlela adlala ngayo). Ungumdlali omuhle nongakuwinela kalula imidlalo uma esefomini” kuchaza u-Erturgral osengumphathi wabaqeqeshi eqenjini lesizwe eTurkey.

“Uma ngibukela ngikude, isimo besinzima ngesizini edlule (ngenxa yeCovid-19). Kodwa ngibona sengathi yena uvele unezinye izinkinga anazo. Yizinkinga okufanele ngabe uyakhuluma ngazo (nomqeqeshi), kufanele ukuba kukhona okumdlayo ngaphakathi.

“Ngeke ungitshele ukuthi umdlali obeyisibabuli zolo lokhu, namuhla useyabheda. Kufanele ukuba kukhona into emphazamisayo eyaziwa nguyena yedwa okumele ilungiswe,” kuchaza u-Ertugral.

UBilliat usalimele njengamanje kanti ngokusho kweChiefs ngesikhathi esanda kulimala, angase abuye ngasekuqaleni kumaMashi.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com – Facebook: Impempe

Leave a Reply

Your email address will not be published.