Usola ubuvaka kuMaZulu uMcCarthy ngokushaywa kwabo yiRaja

Usola ubuvaka kuMaZulu uMcCarthy ngokushaywa kwabo yiRaja
UMatarr Ceesay noKadima Kabangu
Sihle Ndlovu

UBenni McCarthy, oqeqesha AmaZulu FC, ubona bezigwaze ngowabo ngesikhathi beshaywa yiRaja Casablancha ngo 1-0 emdlalweni weCAF Champions League ngoMgqibelo.

Okukhalisa kakhulu uMcCarthy ukuthi bebelimpintshele ekhoneni iqembu lasekhaya ngesiwombe sokuqala, kungakhombisi ukuthi yilona elidlalela enkundleni yalo kulo mdlalo kaGroup B.

Nokho akulusizanga kakhulu lokho Usuthu olubuye lungawaphethe amaphuzu.

“Bekuwumdlalo onzima kodwa yithina esenze ukuthi kube njalo,” kusho uMcCarthy ngemuva kwalo mdlalo obuseMohamed V Stadium eCasablanca.

“Ngiyavuma ukuthi besisenkundleni yezitha, iRaja Casablancha, ehlonishwayo kodwa asizange siyivumele ukuthi idlale ngokukhululeka yize bebelithola njalo ibhola.

“Abazange bangene kalula kithina. Ngicabanga ukuthi ithuba elihle kakhulu lesiwombe sokuqala lehlele thina. Bekulula kakhulu ukushaya igoli kunokugeja kodwa sigejile.”

Leli thuba akhuluma ngalo uMcCarthy litholwe ukaputeni uMakhehleni Makhaula kodwa ibhola lakhe lashaya ipali labuyela enkundleni.

“Uma uthola amathuba anjena bese ungawasebenzisi wenza isimo sakho sibe nzima kakhulu ngoba izitha zigcina zithole ithuba njengoba kwenzekile.

“Sihlulekile ukukhipha ibhola ebhokisini bathola igoli. Ngemuva kokuthi bethole igoli babe sebeqala ukwenza izinto zabo (zokuchitha isikhathi).

“Abadlali bebewa kalula bekhala, bemosha isikhathi ngabomu. Lokhu kwenze ukuthi singadlali ngokukhululeka ngoba bebazi ukuthi sizobahlasela.

“Bebesiphazamisa bebulala umgqigqo wethu futhi baphumelele kulokho. Kumele sifunde kulezi zimo ezinjena, sigeja amathuba amaningi kakhulu,” kusho uMcCarthy.

FUNDA NALA: UBaxter usale ekhala ngakubone ejimini okumbhayizisile iChiefs ithola induku

Uthe bazoqoqa amasakana abo, babheke okuhle abangaphuma nakho kulo mdlalo bese belungiselela umdlalo ozayo.

Usuthu luzobhekana neHoroya ngoLwesihlanu ekhaya emdlalweni walo wesibili kuleli qoqo elingelula neze.

“Ngaphezu kwakho konke, yisimo esihle lesi esisipha amava. Sidlale kahle esiwombeni sokuqala futhi manje sekumele siyokwenza umsebenzi ekhaya.

“Sizothatha okuhle kulo mdlalo bese sizama ukuthola iwini ekhaya,” kusho lo mqeqeshi obezwakala ehlise umoya. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.