Usola ukushintshashintsha izinkundla ngokubhacaza koSuthu

Usola ukushintshashintsha izinkundla ngokubhacaza koSuthu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Ukhala ngokushintshishintsha izinkundla abadlalela kuzo imidlalo yasekhaya umqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy.

Usuthu lubambane neMarumo Gallants ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesine.

AmaZulu awajwayele ukudlalela imidlalo yasekhaya eMlaza, njengoba evamise ukudlalela eKings Park Stadium
naseMoses Mabhida Stadium.

UMcCarthy uthe akafuni ukucasha ngesithupha kodwa kuyabakhinyabeza kakhulu ukudlalela ezinkundleni ezihlukene imidlalo yabo yasekhaya.

“Senelisekile ngephuzu esilitholile ngoba yilokho esikutholile futhi ngeke sikushintshe.

“Nokho ngicabanga ukuthi njengeqembu usuke ufuna ukuzinza.

“Ngekeke ulokhu ugcaluza zonke izinkundla lezi emidlalweni yakho yasekhaya,” kusho uMcCarthy.

“Sidlala imidlalo yasekhaya eMoses Mabhida ngelinye isonto, sibuye sidlalele eKings Park Stadium, siphinde siyodlalela eKing Zwelithini.

Nakanjani lokhu kuyalithikameza iqembu. Asikaze siziqeqeshe lapho, asikaze sidlale lapho kodwa kumele siwine imidlalo yethu yasekhaya khona.

“SiseThekwini impela kodwa lena yinkundla ebesiyisebenzisa okokuqala kule sizini.

“Kithina yintsha ngendlela efanayo neqembu ebesibhekene nalo. Nakanjani indaba yokuthi udlalela ekhaya isuke ingasekho.”

Umdlalo phakathi kwaMaZulu neMarumo ubusuphindwa ngoLwesine.

Kudingeke ukuthi umiswe ngoLwesithathu ngemuva kokuxabana kwemibala yamajezi abegqokwe amaqembu.

Bekusaphele imizuzu eyishumi umdlalo uqalile ngesikhathi umiswa.

“Ngaphezu kwakho konke lokhu uphinde ubhekana nesimo sokuthi udlala imizuzu eyishumi bese umdlalo umiswe, ngenxa yokuthi izimbangi azifikanga nejezi lesibili.

“Bese kuthiwe iya ekhaya ubuye ngosuku olulandelayo uzodlala. Yinhlakanhla yento.

“Kodwa kumele ugqugquzele abadlali ukuthi bakunike umdlalo omuhle, sekwenzeke konke lokhu okwenzekile.

“Ngeke ngigxeke abadlali ngoba lesi yisimo abebengeke benze lutho ngaso.

“Ngenxa yalokho ulahla umdlalo lapho ubungathola khona amaphuzu amathathu.”

Emdlalweni olandelayo AmaZulu azobhekana neqembu elike laqeqeshwa uMcCarthy iCape Town City.

FUNDA NALA: Angase athathelwe izinyathelo zomthetho ohlambalaze iSundowns

Lo mdlalo wona useMoses Mabhida Stadium ngeSonto ngo-6 ntambama.

“Akukho okunye okumele sikwenze ngaphandle kokulungiselela umdlalo onzima esizowudlala neCity.

“Ngethemba ukuthi sizodlala kangcono kulo mdlalo ngoba namuhla asenzanga kahle.

“Uma udlala kanje usekhaya awukho umdlalo ozowuwina. Abadlali bebengekho esimeni esikahle,” kuphetha uMcCarthy.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.