Usola ukushintshwa kwabaqeqeshi ngokuphanda ndawonye kweBucs

Usola ukushintshwa kwabaqeqeshi ngokuphanda kweBucs
USiphesihle Ndlovu
Alfred Ngubane 

USiphesihle “Mbesuma” Ndlovu uyikhomba ekushintshashintshwa kwabaqeqeshi inkinga yokugqoza kwempumelelo kwi-Orlando Pirates.

Uthi kwayena ungomunye olimale kakhulu ngenza yalokhu kushintshwa njalo kwabaqeqeshi kwiPirates ashiye kuyo ekuqaleni kwale sizini.

“Ngenkathi ngifika kwi-Orlando Pirates kwakuqeqesha uRulani Mokwena futhi ngangidlala kahle kakhulu ngiwashaya namagoli,” kusho uNdlovu odabuka eMgungundlovu.

“Ngangiphinde ngakhele nozakwethu amathuba okushaya amagoli manje ngihambe kungasenzeki konke lokho.

“Bese kungiphatha kabi kakhulu njengoba ubona imnyaka yami isangivumela ukuthi ngihlale ngidlala njalo kodwa manje bengingadlali.

“Abanye kade bengisola nje bethi ngiyishiyeleni kwi-Orlando Pirates. Iqiniso ukuthi ngifuna ukudlala njalo.

“Ngingumuntu othandayo ukufunda impela kodwa kungilimazile kwi-Orlando Pirates ukushintshashintsha njalo kwabaqeqeshi ngoba bebefika namaqinga amasha angefani.”

FUNDA NALA: UZwane usola uBroos ngakusho ngoDu Preez kwiBafana

UMbesuma useqalile ukudlala njalo eqenjini lakhe elisha iSuperSport United eqeqeshwa nguGavin Hunt amncoma ngokwenza ibhola libe lula, lijabuleleke kubadlali.

“UGavin Hunt uqeqesha into esobala. Akalokhu esigxisha izinto eziningi,” kuphetha uNdlovu owazakhela igama kwiMaritzburg United.

Yena nozakwabo ngaleso sikhathi oFortune Makaringe, Bandile Shandu noPhilani Zulu,babenza izimanga njengoba llei qembu laseMphithi lase liyingozi ngenxa yabo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *