Usola ukushweba amagoli ngenkinga ebhekene neSwallows

Usola ukushweba amagoli ngenkinga ebhekene neSwallows
UMwape Musonda weSwallows FC
OkaDonga Gumbi

UDylan Kerr useveze ukuthi le ngozi ebhekene neSwallows FC idalwe wukuba buthuntu phambi kwepali kwaleli qembu.

Uthi ukuba bebewasebenzisa ngendlela efanele amathuba abebewathola ikakhulukazi kule midlalo yokugcina kwiDStv Premiership ngabe abekho kule ngozi abakuyo.

ISwallows izama ukuvika izembe ngokudlala emidlalweni yokuhlunga la iqhathwe khona namaqembu eGladAfrica Championship i-University of Pretoria neCape Town All Stars.

Izoqala lomkhankaso wayo ngokubhekana neGugu leKapa eLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu ngo-3 ntambama.

“Kumele siwine. AmaTuks asevele anamaphuzu amathathu. Kumele nathi siqale ngonyawo oluhle kule midlalo,” kusho uKerr. 

“Kumele siqale sisebenzise amathuba wethu ngokuthi sishaye amagoli. Kuhle impela ukudlala ibhola elihle futhi wakhe anamthuba koda akusizini ngalutho uma ungawashayi amagoli.

“Uma sizoqhubeka nokubhacaza phambi kwepali ngeke silibone elidlalayo kule midlalo yokuhlunga,” kuchaza lo mqeqeshi. 

FUNDA NALA: UKlate udalule imfihlo ngozoqeqesha iPirates ngesizini ezayo

AmaTuks yiwona aseqhwakele kule ligi yamaqembu amathathu okuzothi ozoqeda ephezulu angene kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.

Aqhwakele ngemuba kukthi eshaye iGugu leKapa ngeSonto emdlalweni wawo wokuqala kule yokuhlunga kanti neSwallows izozama ukuyisunduza kule ndawo.  

“Ngiwubukile umdlalo wabo ngeSonto. AmaTuks alikhahlelele amahlandla amane ipali, ashaya amagoli amathathu.

“Yilokho okufunekayo eholeni. Kuzoba wumdlalo onzima ngoba amaqembu alesi sigaba sabo ayazimisela uma ebhekene nawesigaba esikhulu.

“Bazozama ukusicindezela kodwa kuzomele sizame ukulawula umdlalo ngokuthi siligcine ngakithi ibhola isikhathi esiningi.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.