Usola unyawo lwemfene uTembo ngokwenzeka kwiSekhukhune

Usola unyawo lwemfene uTembo ngokwenzeka kwiSekhukhune
UKaitano Tembo
Alfred Ngubane 

Umqeqeshi weSekhukhune United uKaitano Tembo usola isandla semfene ngokugqoza kwemiphumela kuleli qembu.

Uthi banabadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu kodwa bawalahla kalula amaphuzu singekho isidingo.

“Ngibona ukuthi khona unyokana obafunza uphoyizeni laba bafana. Leli qembu usihlalo uliphethe kahle kakhulu,” kusho uTembo.

“Leli thuba lekhefu lisinike isikhathi esingcono njengoba singaphumule, silungisa amaphutha ezindaweni ezifana naphambili nasemuva nakancane eswini.

“Ngicabanga ukuthi kuzothi uma sibuya ekhefini kuzoba nomehluko omkhulu,” kuphetha uTembo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uTembo wathatha izintambo kuMacDonald Makhubedu noThabo Senong asebengabasizi bakhe manje.

FUNDA NALA: IRoyal AM iphuce iChiefs indebe yeMacufe

Leli qembu alenzi kahle kule sizini ngaphansi kwalaba baqeqeshi. Kumanje lisendaweni yesibili ukusuka emsileni kwiDStv Premiership ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni eyisishiyagalombili.

Umthombo ongaphakathi uveze ukuthi kunempi ekhona ethimbeni labaqeqeshi kodwa eliwa buthule. Kusolwa ukuthi kukhona abafuna uTembo axoshwe khona bezobuyela ezikhundleni.

“Balwa lempi yokuthi kumele kube ngabaqeqeshi bakuleli abanikwa imisebenzi kuqala hhayi abangaphandle,” kusho lo mthombo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *