Usole ukudembesela kwabadlali uMcCarthy Usuthu lubheka eNtalashishi

Usole ukudembesela kwabadlali uMcCarthy Usuthu lubheka eNtalashishi
ULehlohonolo Majoro
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu alingise umlingiswa waseBhayibhelini okuthiwa wathunywa eNiniva yena waphuma wakheka eNtalashishi ngesikhathi eqhuzuka emdlalweni wawo wokuqala kwiCAF Champions League.

Usuthu lushayelwe ekahaya yiNyasa Big Bullets yaseMalawi emdlalweni wesigaba sokuhlunga. Umdlalo obuseMoses Mabhida uphele ngo 1-0 uvuna izivakashi.

Lo mphumela uliqansisele kakhulu Usuthu njengoba sekumele luyozama ukuwuphendula ekuhambeni eMalawi ngempelasonto ezayo.

“Akubanga yisiqalo ebesisibhekile emkhankasweni wethu weCAF Champions League,” kusho uMcCarthy ngemuva kwalo mdlalo.

“Besiwuphethe umdlalo kodwa besingekho ezingeni elifanele. Uma udlala ngaleya ndlela kodwa ungenaso isifiso sokushaya amagoli kuba njena.

“Labantu ebesidlala nabo abenzanga lutho kulo mdlalo. Basebenzise abakwaziyo ukuthi baqinile kukho.

“Bebethumela amabhola ebhokisini. Balitholile elilodwa. Ngibone sengathi bekumele bahlawuliswe ngoba ibhola balithathe ezandleni kuVeli (Mothwa, unozinti woSuthu).

“Bekunzima ukubuka lo mdlalo nokwamukela obekwenzeka kuwo,” kuchaza lo mqeqeshi. Igoli liqhamuke kade kunesibhudubhudu ebhokisini loSuthu.

Lishaywe nguChuikep Msowonya owake wadlala kuleli emaqenjini ehlukene okukhona kuwo nezinkunzi zaseSoweto i-Orlando Pirates.

FUNDA NALA: ISunflower isiphenduke umshini okhiqizela iBanyana ukhilimu wabadlali

“Ngemuva kwalokho asenzanga okwanele ukuthi sithole okuthile kulo mdlalo. Uma wakha amathuba ngale ndlela ebesiwakha ngawo bese ungawasebenzizi kuba njena.

“Mhlawumbe kumele nibuze abadlali ukuthi bekwenze njani ngoba mina angiyazi lento ebebeyenza. Mina bekunzima ngisho ukubuka.

“Ikakhulukazi indlela ebesingakhombisi ngayo ukuzinikela nokufuna ukuwina. Abadlali kumele bazinuke amakhwapha.

“Manje sekuzomele siye ngakubo la kunzima khona siyophendula lo mphumela. Sesizidalele lowo msebenzi onzima,” kusho uMcCarthy.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.