UStash usebuyile kwiPremiership, uzogijma kwiGallants

UStash usebuyile kwiPremiership, uzogijma kwiGallants
USiphelele "uStash" Ntshangase
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Usegcine esayinile kwiMarumo Gallants uSiphelele “uStash” Ntshangase owachithwa yiKaizer Chiefs ngesizini edlule.

Impempe yabika ngasekuqaleni kwenyanga ukuthi uNtshangase uziqeqesha nallei qembu laseLimpopo ebelaziwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila ngesizini edlule.

Sakuveza ukuthi amathuba okuthi uStashasayinwe maningi kwazise isekela lomqeqeshi, uJean Luscuito  wake wasebenza nayebesakwiBlack Leopards.

IGallants ikuqinisekise ngoLwesine kusihlwa ukuthi uNtshangase usesayinile kuleli qembu elizodlala kwiCaf Confederation Cup kule sizini.

UNtshangase uhlale iminyaka emine kwiChiefs kodwa izinto zangamhambela kahle njengoba ijezi ebelizwa ngendaba kuhle komkhumbi kaNowa.

Ugcine ededeliwe kusasele izinyanga ezintathu kuphele inkontileka yakhe ngenxa yokuthi kuthiwa iqembu bese libona ukuthi uvele akasathandi ukuba kulo.

FUNDA NALA: “Iyangikhathaza emoyeni indlela awaseKZN aqale ngayo,” kubhala umhleli weMpempe

Nokho kwavela ukuthi uStash ubesengaziphethe kahle futhi esefuna ukufaka umoya wezikhova nakwabanye abadlali.

Uke wazama kwiSekhukhune United ngaphambi kokuya kwiGallants kodwa yamchitha njengoba abaqeqeshi bathi ibhola lakhe nabafuna ukulidlala alihlangani.

Ithalente lakhe alingatshazwa nokho kwazise ungomunye wabadlali abambalwa abakwazi ukungena eqenjini lesizwe iBafana Bafana bebe bedlala kwiNational First Division.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.