USteve Barker usola onompepe athi benzelela iChiefs

USteve Barker usola onompepe athi benzelela iChiefs
USteve Barker

 

USteve Barker bekuthi akazisakaze phansi ngemuva kokushaywa kweqembu lakhe yiKaizer Chiefs ngo 3-1 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama.

Imbangela yokucasuka kwakhe bekungekhona ukuthi akafuni ukuhlulwa, kodwa wukuthi ubone unompempe uTsidiso Maruping enokwenzelela.

Lo nompempe ubekele iChiefs amaphenathi amathathu okuyiwo egcine iwakora yawina ngawo kulo mdlalo obuseCape Town Stadium. 

USteve Barker nabanye abaningi, bakhale kakhulu ngeyokuqala iphenathi abathi bekungamele ibekwe ngoba akukho muntu odlaliswe kabi, uCaleb Bimenyimana uziwele.

“Ngicabanga ukuthi le phenathi ababekelwe yona sekuzoyiwa ekhefini beyingafanele futhi yiyo ejike yonke into kulo mdlalo,” kusho uBarker.  

IStellies iphinde yadala enye iphenathi ngesikhathi uMagmad De Goede edonsa uBimenyimana esebhokisini.

Unompempe ukhombe iphenathi wabe esekhipha uDe Goede ngekhadi aelibombu. Kwalona uSteve Barker uyakhala ngalo.

“Ngeke uyiwine imidlalo yebhola uma uzodala amaphenathi amathathu bese uthola nekhadi elibomvu emdlalweni owodwa.

“Kule midlalo emibili edlule sibhekene neChiefs kube nezinqumo ezinkulu ezingagculisi ezicindezela thina.” 

Emdlalweni weMTN8 phakathi kwalamaqembu emavikini ambalwa edlule unompempe wabekela iStellies iphenathi kodwa wabuye wajika umqondo.

FUNDA NALA: Ayaphela amathiki edabhi, naweMTN8 asesendalini

Nangesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi unompempe nabasizi bakhe behluleka ukubona ukuthi u-Itumeleng Khune ayeweqa umugqa wakhe.

Yize ekhala ngonompempe, uBarker ubuye wakuvuma ukuthi nezakhe zibhacazile umdalo usanda kuqala, zanika iChiefs umfutho.

Uthe indlela abebedlala ngayo belandela iChiefs ngemuva ibagqilazile futhi yiwo eyenze izimbangi zabo zabona ithuba lokuwina.

Uncome unozinti wakhe uSage Stephens ovimbe inqwaba yamabhola amabi abethunyelwa iChiefs ngasekuqaleni komdlalo.

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *