USteyn ukhala ngokunzima bokubhalansa amabanga amade namafishane

USteyn ukhala ngokunzima bokubhalansa amabanga amade namafishane
Alfred Ngubane

UGerda Steyn, owaba nguphetha weComrades Marathon ngo-2019 ugcina ukugijinywa lo mjaho, uthi kunzima ukubhalansisa amabanga amafishane namade.

Ekhuluma neMpempe, uSteyn uthe uzogijima umjaho ka-10km i-Absa Run Your City eThekwini ngeSonto.

Uthi kuyena kuyithuba elihle lokhu kugijima u-10km. Kuzokhumbuleka ukuthi ngeviki eledlule ubegijima kwiSpar Ladies 10km Marathon khona eThekwini.

Kulo mjaho kulindeleke ukuthi zikhiphande inkani izintokazi nezinsizwa njengoba kukhona nabagijimi abanamava nabahlonishwayo abaphuma kuleli, eKenya nase-Ethophia.

Kulezi zintokazi kukhona uSteyn, Glenroise Xaba, Kesa Moletsane noCacisile Sosibo bonke abangabaseNingizimu Afrika.

Kuphinde kube khona iJasca Chalengat, Beatrice Mutai noDiana Chesang baseKenya. I-Ethiopia yona igasele ngoGenzebe Didaba noMahlet Alemu. Kukhona nentokazi yaseLesotho uNeheng Katala .

Khonamanjalo kulo mjaho kulindeleke ukuthi uSteven Mokoka, ongumpetha wangonyaka odlule, aqophe irekhodi elisha.

FUNDA NALA: Ugoloza ukuyojima osayinwe yiRoyal AM engazi

UMokoka usephule amarekhodi amaningi kakhulu nokulindeleke ukuthi aphinde awunqobe lo mjaho ngoba umzila wawo uwuqonda kahle.

Ngaphambilini uke wagijima iFNB Half Marathon wayinqoba kodwa ukudla kwashintsha sekudekiwe etafuleni.

Kulo mjaho kuzobe kukhona namawele akwaPhalula oLebo noLebogang abanamava kakhulu njengoba bobabili basinqobile kwiSpar Ladies, baphinda bamela izwe kuma-Olympic Games.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.