Alfred Ngubane
Ukuphindile futhi lokho umphetha weTwo Oceans Marathon esigabeni sabesifazane uGerda Steyn weNedbank Running Club njengoba ewunqobile lo mjaho ngeSonto ekuseni.
Wenze isikhathi esingu 3:29:42. Ushiye Irvette Van Zyl ongene endaweni yesibili ngesikhathi sika 3.30:31 nentokazi yase-Ethiopia u-Amelework Fikadu Bisho.
USteyn ukwazile ukuvikela isicoco sakhe kulo mjaho ogijinywa eKapa lodumo. Nguye owayenqobe lo mjaho ngo-2019 ngesikhathi ugcina ukuba khona.
Ngenxa yeCovid-19, uhlale iminyaka embili engakwazi ukusivikela isicoco sakhe. Lo mphumela wangeSonto ukhombisa ukuthi uSteyn usengumsubathi ohamba phambili eNingizimu Afrika.
FUNDA NALA: UMntungwa usophe ukuzakhela igama kwezamankomane ngoCowan Ray
Nguye owaba ngumpetha nakwiComrades Marathon ka-2019. Le ntokazi esencane ingeyalapha eNingizimu Afrika kodwa seyizinze phesheya kwezilwandle eDubai lapho ehlala khona nomkhwenyana wakhe.
UVan Zyl yena uselokhu elikhuphule njalo izinga lakhe lokugijima njengoba engasali ngaphandle kubasubathi abahlale bephakamisa ifulegi lezwe.
Usebalwa namaqhawekazi ezokusubatha kuleli. Lezi zintokazi zikwazile ugudluza umsubathi wase-Ethiopia Amelework Fikadu Bisho ukuthi angiyitholi indawo yokuqala neyesibili.