USteyn usephethe uhambo lwezinkumbulo ezinhle kwikhilikithi

USteyn usephethe uhambo lwezinkumbulo ezinhle kwikhilikithi
UDale Steyn
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UDale Steyn, oyinkakha yamaProteas, usenqume ukuthi khumu ekudlaleni ekhilikithi yazo zonke izinhlobo.

Lo mdlali uyena ozihola phambili ngokuthatha amawikhethi eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika njengoba esethathe angu-439 emidlalweni engu-93 yamaTest.

Ngaphezu kwalokho, uthathe amawikhethi angu-196 emidlalweni yosuku olulodwa engu-125.

KweyeT20 uthathe amawikhethi angu-64 emidlalweni engu-47. Ekhuluma ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili uSteyn ukuqinisekisile ukuthi usethatha umhlalaphansi.

“Sekube yiminyaka engu-20 yokuziqeqesha, imidlalo, ukuhamba amazwe, ukubona abantu, ukuphumelela, ukungawini, izinyawo ezilimele, yinjabulo nokuba nobungani obumnandi nozakwethu,” kubhala uSteyn.

“Kuningi okuhle okungakhulunywa ngakho. Baningi kakhulu abantu okumele ngibonge kubo.

“Sengithi khumu ngokusemthethweni emdlalweni engiwuthanda kakhulu. Imizwa yami iyashayisana kodwa kukhona umuzwa wokubonga.

FUNDA NALA: Obesebenza kwiPirates uveza okwenza izinto zingalungi kuleli qembu

“Ngiyabonga kuwo wonke umuntu, umndeni nozakwethu. Izintatheli nabalandeli, kube wuhambo oluhle ndawonye.”

Eminyakeni engu-38 anayo uSteyn, ukwenze konke kumaProteas. Uwine imiklomelo kanti wake wazihola phambili kubashwibi emhlabeni isikhathi eside.

Empeleni uSteyn uyena ophethe irekhodi lokuhlala kunombolo 1 isikhathi eside eliyizinsuku ezingu-2343.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.