UStuart Baxter uphethwe ‘yikhanda’ elimjabulisayo ngabeChiefs

UBaxter uphethwe 'yikhanda' elimjabulisayo ngabeChiefs
UKearyn Baccus
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uncoma abadlali abangajwayele ukudlala ngokuvala izikhala ngendlela efanele uma kudingeka.

Emdlalweni wangeSonto ngesikhathi iChiefs ishaya iSwallows FC ngo 3-1 kubonakale uHappy Mashiane noKearyn Baccus, obese kunesikhathi bagcina ukudlala.

Abanye abadlali abaqale umdlalo ngeSonto ngu-Austin Dube no-Anthony Agay nabo abangajwayele ukuba seqenjini eliqalayo.

Lokhu kwenziwe ukuthi abadlali abafana noNjabulo Blom, Njabulo Ngcobo, Reeve Frostler, Cole Alexander noLeonardo Castro bebengekho.

“Kule midlalo emithathu esibe nayo esikhathini esifushane umthwalo uthande ukuba mkhulu kubadlali. Besikubona lokho yingakho sibe noshintsho eqenjini eliqale umdlalo,” kusho uBaxter.

“Ngicabanga ukuthi uKearyn (Baccus) uyidlale kahle kakhulu indima yakhe kulo mdlalo (weSwallows).

“UNtiya (Siphosakhe Ntiya-Ntiya) naye ubuyile, bekukuhle kakhulu lokho.”

UBaxter uphinde wancoma abadlali bakhe baphambili uBernard Parker, Keagan Dolly noKhama Billiat ngokushaya into ecomeke.

“Ngicabanga ukuthi bobathathu benze kahle kakhulu. Bebezicindezela ngendlela efanele izitha ngesiwombe sokuqala nokuyinto eyenze ukuthi sithole amathuba amaningi.

“Bebezithola besezindaweni ezinhle kakhulu futhi umphumela walokho ucacile ngokuthi sithole amagoli amathathu,” kusho uBaxter.

FUNDA NALA: Usihlalo omusha weCMA uthembisa ukubuya kweComrades Marathon

UBaxter uphethe ngokuthi kumphathisa ngekhanda elihle ukuthi kunokuncintisana kwabadlali eqenjini, ngoba lokho kwenze izinga liphakame.

Ubekhuluma ngokuthi uBlom obenamakhadi uzobe ekulungele ukudlala emdlalweni olandelayo njengoba umeqile oweSwallows.

IChiefs inomdlalo onzima kakhulu ngempelasonto njengoba izobhekana neCape Town City koweDStv Premiership.

Ukuwina lo mdlalo kweChiefs kuzoqinisa indawo yayo kwilogi njengoba iyibambe endaweni yesibili.

Kuzophinde kuyibeke ethubeni elihle lokudla i-Q Innovation yesibili enemidlalo eyisikhombisa.

ISundowns iyona ekhale yemuka ne-Q Innovation yokuqala ecaciswa yimidlalo eyisishiyagalombili.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.