USukazi ucacisa ngokuhlukana nobeqeqesha iqembu uMalesela eligcwale umoya kuyena

Sihle Ndlovu

Usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, uchaza ukuthi kungani bethathe isinqumo sokuhlukana nobengumqeqeshi weqembu, uDan Malesela.

IGalaxy noMalesela bavumelana ngokuthi zihlukane izindlela ngemuva kwemiphumela engemihle, ngokusho kukaSukazi.

“I-TS Galaxy FC isihlukene nomqeqeshi uDan Malesela. Lesi yisinqumo esinzima obekumele sisenze njengeqembu, ngoba njengoba sazi umqeqeshi uMalesela unomlando omuhle kakhulu neqembu. Ngicabanga ukuthi uyohlala enjalo emlandweni obhalwe phansi waleli qembu. Nokho kwenzeka kanjalo emdlalweni webhola noma ibhizinisi lebhola. Imiphumela iyona ehlahla indlela. Siyazike sonke ukuthi imiphumela ibingemihle kuleli qembu.

“Kuningi esingathi kuholele ekutheni ingahambi ngendlelaimiphumela kodwa umuntu osuke ehola iqembu njengomqeqeshi uyena okumele athwale icala uma imiphumela ingaqhamuki. Ngaphandle kwalokho sihlukana ngomoya omuhle. Siyamthanda umqeqeshi uDan futhi siyakholelwa ekhonweni lakhe. Kodwa izinto zihambe ngendlela ezihambe ngayo,” kusho uSukazi.

Uthe babheke ukushintsha izinto ngonyaka ozayo, wase ekucacisa ukuthi ubani ozobamba esikhundleni sikaMalesela.

“Umqeqeshi uSipho Dlangalala uyena ozobamba okwesikhashana. Ungumqeqeshi okahle futhi unethalante. Unomqondo ocishe ufane ncamashi nokaDan wokuthi kumele siye phambili, singaqali phansi. Simfisela okuhle umqeqeshi uZipho. Uma enza kahle akukho okungamvimba ukuthi athathe lo msebenzi ngokuphelele,” kuphetha uSukazi.

UMalesela bese kungokwesibili eqeqesha kwiGalaxy. Uyena obephethe izintambo ngesikhathi leli qembu liqopha umlando, liqumba phansi iKaizer Chiefs emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium. Ngemuva kwalokho uke walishiya iqembu.

Ngokuwina iNedbank iqembu lizithole lidlala kwiCAF Confederation Cup, nokuyinto engajwayelekile emaqenjini agijima kwiGladAfrica Championship.