USukazi usola isandla semfene ngamakhadi abomvu kwiGalaxy

USukazi usola isandla semfene ngakhadi abomvu kwiGalaxy
UTim Sukazi
OkaDonga Gumbi

Usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, useveze ukuthi usola isandla semfene ngonompempe abenza konke okusemandleni abo ukunqinda iqembu lakhe.

Uthi uvele ababone ngokumncisha amehlo onompempe ngaphambi komdlalo ukuthi kukhona ke abakuthunyiwe ukuthi bakwenze.

IGalaxy isendaweni yesibili ukusuka emsileni njengamanje, kanti isenamaphuzu angu-18 ngemuva kwemidlalo engu-22.

USukazi usola onompempe nje yingoba iqembu lakhe lihamba phambili ngokuthola amakhadi abomvu kwiDStv Premiership kule sizini.

Ekhuluma no-Andile Ncube kwiRadio 2000 ngoLwesithathu ebusuku, uSukazi ubuzwe ngamazwi awasho kusanda kuqala isizini ukuthi iqembu lakhe lizoqeda libalwa nayisithupha aphezulu.

“Namanje ngisamile kulokho kodwa ukube ngangazi ukuthi kuzoba nonyawo lwemfene oluzovumbuka esikhaleni nje…

“Thina alikho iqembu elithola amakhadi abomvu njengathi. Angazi, angikaze ngiyibone lento (yenzeka phambilini). Sidlala ibhola elihle,”  kusho uSukazi.

Uthe ukube bafana neJomo Cosmos yezikhathi zakudala, eyayiqinisa unyawo, ngabe uyawaqonda ukuthi awani la makhadi angaka.

“Uma ubheka njengamanje lapha eNingizimu Afrika, amaqembu adlala ibhola elihle futhi akhe amathuba okushaya amagoli, yiTS Galaxy ne(Mamelodi) Sundowns.

“Ngikhuluma iqiniso elimsula lapha. Sihamba phambili ngomdlalo kuyo yonke imidlalo esiyidlalile kulo nyaka, ngaphandle koweSundowns. Nakhona kwajika ngoba sesithole ikhadi elibomvu esiwombeni sokuqala.

“Ukube ngangazi ukuthi kuyoshaya lesi sikhathi sesinamakhadi abomvu ayisithupha, noma ayisikhombisa noma isishiyagalolunye, angisazi nakahle ngoba awabaleki… Ngangizokhuluma okunye.”

Ebuzwa ukuthi ngabe ngempela usho ukuthi kukhona unyawo lwemfene kule nto eyenzekayo, uthe impela kubona ngisho ingane encane.

FUNDA NALA: AbeSafa bakhala ngomasipala weThek ngokubola kwezinkundla zebhola

“Akudingeki uze ube nguchwepheshe wesayensi ukukubona lokho… Buka nje leli qembu lidlala ibhola elihle kanjani, liyahlasela futhi liwuphathe umdlalo.

“Kodwa njalo umgqigqo walo uphazanyiswa ikhadi elibomvu. Asilona iqembu elidlala kabi. Ngenkulu nje inhlonipho, ukube sifana neJomo Cosmos yakudala ngabe ngiyezwa.

“Ngayibona lento ingakenzeki. Ngeviki elidlule sidlala neSuperSport United, sawuphatha umdlalo kodwa unompempe uThando Ndzandzeka uyena owanquma umphumela.

“Uyambona ngisho emehlweni unompempe uma kukhona akuthunyiwe…ngambona uNdzandzeka ukuthi uthunyiwe futhi ngazitshela nezikhulu zeSuperSport ngaphambi komdlalo.

“Ngathi kubo, ‘madoda, umphumela walo mdlalo uzovuna nina futhi unompempe ozokuqinisekisa lokho.’

“Babuyela kimi ngemuva komdlalo… ngangibatshelile vele oKaitano Tembo noColtrain Munyai ngaphambi komdlalo. Bangakutshela nabo lokho.  

“Salishaya kuqala igoli sahamba phambili, kuthe kusenjalo uNdzandzeka wabekela iSuperSport iphenathi engacacile ukuze ilinganise.

“Wawumbona nje ukuthi kade ekufuna lokhu okwenzekayo. Ngemuva kwalokho abadlali beSuperSport balidlala ngezandla kwaze kwaba kathathu ibhola bengaphakathi ebhokisini labo kodwa waziba nje unompempe.

“Kodwa iSuperSport yona wayekwazile ukuyibekela iphenathi engacacile ngakho uvele ubone nje ukuthi lezi zinqumo ziphekwe kwenye indawo futhi ngisesiqiniseko ukuthi kunesandla semfene la.

“(Kodwa) konke kunesikhathi sakho, sizobona kuyogcina bani. Yilokho nje engizokusho okwamanje.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.