Ususe umsindo uMshishi ethi akakaze abone uDoctor Khumalo edlala

Themba Zwane Doctor Khumalo
UThemba Zwane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kukhona abamsolile uThemba Zwane weMamelodi Sundowns uma ethi akakaze ambone uDoctor Khumalo edlala. Abanye bamsole ngokuziphakamisa, bethi kwakhona ukufaniswa kwakhe nale nkakha yeKaizer Chiefs neBafana Bafana yichilo.

Kodwa abanye bakuqondile lokhu abekusho. Ubekhuluma iqiniso uma ubheka ukuthi uzalwe ngo-1989 kanti uthe eyeka ebholeni uDoctor yena cishe ubeneminyaka eyisishiyagalombili. Futhi ngalezo zikhathi ithelevishini ibiyivela kancane.

UZwane wathi efika ebholeni elikhokhelayo, umqeqeshi owazakhela igama kwiBafana Bafana, uClive Barker, wamncoma ithalente wathi umkhumbuza uDoctor. Bamhleka usulu ke abanye kodwa manje uZwane uyakuveza lokhu njengoba ekhombisa ithalente eliyisimanga.

“Ngikhuluma noDoctor uma kwenzekile sahlangana ngoba sinemenenja eyodwa,” kusho uZwane ekhuluma nabeSAfm kuleli viki. “Uhlezi engigqigquzela ukuthi ngiqhubeke ngizikhandle. Ukukhuluma iqiniso nje, angizange ngimbuke uDoc esadlala.

“Kodwa ngiyezwa ukuthi wayengumdlali osezingeni eliphezulu. Mina angikholwa wukuthi sengifikile ezingeni lakhe, kusamele ngisebenze,” kuqhuba lo mdlali oneminyaka engu-31. Uthe lamazwi kaBarker okumfanisa nalesi sihlabani esisathandwa namanje amfakela ingcindezi. Kodwa amsiza futhi.

“Angifakela ingcindezi kodwa ngangazi ukuthi inhloso yakhe kwakuwukungifaka umdlandla ukuze ngingazibukeli phansi,” kusho uZwane. Lo mdlali uphinde waqokelwa kuyo yonke imiklomelo ephezulu kwiPremier Soccer League kule sizini esongwayo ngoMgqibelo.

Uthi ukuqokwa yinto emjabulisayo nemfaka umdlandla wokuthi enze kangcono njalo nje. IPSL izoklomiselisa abenze kahle kule sizini emcimbini ozoba ngeSonto kanti uZwane kungenzeka aphinde ahambe neyoMdlali woNyaka.

“Imiklomelo ibalulekile. Ngicabanga ukuthi wonke umdlali uyakufuna ukuzibona enikwa indondo yokwenza kahle ekupheleni kwesizini. Nakimi kunjalo. Kuyangijabulisa ukuqokwa. Yilokho engikufunayo, ukuthi njalo ekupheleni kwesizini ngiqokwe.”
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.