Ususe umsindo uSirino ngesithombe sejezi le-Al Ahly

UGaston Sirino

ALFRED NGUBANE

Kuqubuke umsindo, kwakhona abasola ukuthi yindlela afuna ukuvezela ngayo abaphathi beMamelodi Sundowns ukuthi uyafuna ukuyodlala kwi-Al Ahly uGaston Sirino. Lo mdlali uthusile efaka isithombe sakhe egqike ijezi laleli qembu laseGibhithe abazodlala nalo ngoMgqibelo kwiCAF Champions League.

ISundowns ilandela ngemuva ngo 2-0 kwi-Ahly njengoba sekuzodlalwa umlenze wesibili eLucas Moripe Stadium. Lesi senzo sikaSirino sisolwe kakhulu waze wagcina esisusa lesi sithombe sakhe.

Okukhange kakhulu umbhalo obuhambisana naso. “Ngiyabonga kubalandeli be-Al Ahly ngokungeseka kwabo,” ubhake kanje lo mdlali odabuka e-Uruguay esithombeni sokuqala.

Yiso lesi isithombe esisuse umsindo

Kwesesibili ubhale kanje: “Bekuwumuzwa omnandi ukugqoka ijezi le-Al Ahly.” Kuzokhumbuleka ukuthi lo mdlali ubefunwa uthuli yiRed Devils ekuqaleni kwesizini kodwa amaqembu awangavumelana ngemali. Nokho uSirino yena wayekubeke kwacaca ukuthi engakujabulela ukudlala kwi-Ahly.

Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi uthe akathandi ukuphawula ngalesi senzo sikaSirino. USirino washutha nejezi ngemuva komdlalo womlenze wokuqala la abahlulwa khona ngo 2-0.

“Bengingathanda ukungaphawuli ngalokho. Angicabangi ukuthi kuphusile (lokhu okwenziwe uSirino), kodwa akuyona into engizogxila kakhulu kuyo. Ngifuna ukugxila ekuwineni umdlalo kunezinto ezingezinhle. Ngingaze ngisho into engeyinhle ngalo mdlali, bese kuthi ngoMgqibelo asiwinele umdlalo,” kusho uMngqithi ngoLwesine.

USirino walandwa nguPitso Mosimane le kwelakubo. UMosimane nguye futhi obeyalele i-Ahly ukuba ixhumane neSundowns icele iyidayisele lo mdlali onebhola elihle.

Akuyena ke yedwa okuvela ukuthi uMosimane uyamhalela ukuba aze kuye eGibhithe. Kuke kwabikwa ngeviki elidlule ukuthi uhalela nomgadli ovutha engabaselwe, uPeter Shalulile. Nokho ukuphikile lokhu, wathi amahlebezi nje.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com’

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.