Usuthu kumele lupheze ukunwabuzela ngemuva njalo kweyeligi

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC kumele afunde ukushaya amagoli kuqala kunokuthi aqhamuke eselandela ngemuva njalo emidlalweni yeDStv Premiership.

Ukudlalela ukuthola igoli lokulinganisa njalo, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili, yikona okuholela ekutheni leli qembu laseThekwini ligcine selidlale ngokulingana.

Ngesikhathi Usuthu lubambana neKaizer Chiefs ngo 1-1 kwaba yinto efanayo lulinganisa umdlalo usuya ngasekupheleni ngegoli likaBonginkosi Ntuli.

Kuphindile lokho ngesikhathi AmaZulu ebambana ne-Orlando Pirates ngo 1-1, kwasiza igoli likaTshepang Moremi. NgoLwesibili Usuthu belushaywa ngo 2-0 yiChippa United, kwalamula ukungena kukaLuvuyo Memela ngesiwombe sesibili. Lo mdlali ushaye amagoli amabili umdlalo waphela ngo 2-2.

Ngemuva kwalo mdlalo umqeqeshi uBenni McCarthy uvumile ukuthi akuhambi kahle emuva eqenjini lakhe.

“Basicindezile kakhulu yingakho nje bethole igoli lokuqala ngaleya ndlela. Baphindile futhi basicindezela senza iphutha, banika ibhola u-Eva Nga,” kusho uMcCarthy.

“Isivinini nomfutho kubukeka kuyizinto ebezinzima ukuthi babhekane nazo abadlali bami ababili basemuva. Ngibonile ukuthi iqembu lami belibamba liyeka futhi lingazenzi izinto ebesivumelene ngazo.”

Amaphutha amabili asemuva iwona aholele ekutheni u-Eva Nga ashaye amagoli amabili ngesiwombe sokuqala kulo mdlalo.

Konke lokhu akushoyo uMcCarthy kuzomele akuqaphele AmaZulu uma esebhekene neMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesihlanu ngo-5.15.

IGallants ibukeka izelwe kabusha selokhu kufike umqeqeshi uDaniel “Dance” Masilela. Emidlalweni emithathu edlule iGallants ishaye iSekhukhune United ngo 1-0, yashaya iSwallows FC ngo 1-0, yase ibambana neCape Town City ngo 0-0.

Kuyazicacela ukuthi mkhulu umehluko kula maqembu njengoba Usuthu lukwaze ukuthola amaphuzu amathathu emidlalweni emithathu edlule, kanti iGallants ithole ayisikhombisa emidlalweni efanayo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.