Usuthu lubanjwe ngophondo seluthi luqedile ngeChiefs

Usuthu lubanjwe ngophondo seluthi luqedile ngeChiefs
ULuvuyo Memela noCole Alexander
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Bese kucacile ukuthi amaphuzu agcwele ayasala kuMaZulu kodwa unompempe wakujika lokho ebamba Usuthu ngophondo ngokubeka iphenathi engacacile esize iKaizer Chiefs yavala ihlazo.

Besekungumzuzu wokugcina la umdlali wasemuva woSuthu edlale ibhola ngehlombe, unompempe uJelly Chavani wathula.

Kodwa ubuye waxoxisana nomsizi wakhe wabe esebuya elikhomba emlotheni. UKeeagan DOlly ube eselivalela enethini kwasuka uthuli lwezichwe.

Abadlali balamaqembu kudingeke balanyulwe njengoba bebesho ukuwuphendula owamankomane lo mdlalo obuseKings Park ngoMgqibelo ntambama.

Usuthu beluhambe phambili ngegoli likaLuvuyo Memela futhi beselubalile ukuthi liliqedile ishobolo lokuhlulwa iChiefs.

LOna kube ngumdlalo wesine iChiefs ingawini kanti yize idlale kahle uma kuqhathaniswa nemidlalo edlule, lokho cishe ngeke kusho lutho ngoba into ebalulekile wumphumela.

Kucace zisuka nje ukuthi ayikho esaba enye kulamaqembu njengoba bezihubhana udede futhi kube wukuqhawe bonozinti obenze kuyiwe ekhefini lingekho igoli.

Bobabili oVeli Mothwa ezintinti zaMaZulu noDaniel Akpeyi kwezeChiefs bebala ukhasha bevimba amabhola abebonakala enzima.

FUNDA NALA: Waheheka ebuka amankomane efilimini, usengumpetha manje

Kodwa kuthe kusaphele imizuzu emibili kubuyiwe ekhefini, zakhala. ULuvuyo Memela uthole elihle ibhola elimkhiphe wabhekana ngqo no-Akpeyi.

Lo nozinti ube esezama ukuphuma ezozama ukumvimba kodwa uMemela wamphambanisa nalo lakhala enethini.

Uphinde wabuya uMemela ngemuva kwemizuzu eyisikhombisa, ethola ibhola elicishe lifane naleli alivalele enethini.

Kodwa kulokhu uthe uyalipulukutshelisa ngaphansi kuka-Akpeyi wakwazi ukulifica alichithele kude nepali lakhe.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.