Usuthu lubuqedile ‘ubutshitshi’ kuBafana Ba Style

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC aqede nya ‘ngobuntombi’ beMamelodi Sundowns eyishaya ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eKings Park Stadium, ngoMsombuluko ebusuku.

AmaBrazillians abeqala ngqa ukushaywa kule sizini njengoba abesedlale imidlalo engu-17 engayazi induku. Nokho Usuthu lukuqede nya lokho luguqisa ompetha beligi eThekwini.

Amaqembu abelingana ngesiwombe sokuqala kanti athole amathuba afanayo okushaya amagoli. Ithuba elihle kakhulu lehlele Usuthu ngomzuzu ka-18, uThabo Qalinge edonsa intambo engaphandle kwebhokisi, walichitha uDenis Onyango ezintini.

URivaldo Coetzee kuphoqelekile ukuthi akhishwe ngomzuzu ka-24 ngemuva kokulimala. Indawo yakhe ithathwe uMothobi Mvala.

Isiwombe sesibili siqale ngendlela efanayo womabili amaqembu ehlaselana. Ngomzuzu ka-62 uRicardo Nascimento ungqofe ibhola esebhokisini kodwa laphuma phezulu kwepali.

AmaZulu iwona abesengqongqoza kakhulu ngasemizuzwini yokugcina, efuna igoli lokuwina. Lokhu kuhlaluke ngokuthi iqembu lasekhaya kube yilona ebelithola amaningi.

UBenni McCarthy ube esefaka u-Augustine Mulenga endaweni kaBonginkosi Ntuli. Lo mgadli akapholisanga maseko njengoba eshaye igoli ngomzuzu ka-75, Usuthu lwahamba phambili ngo 1-0.

ISundowns nayo yenze olwayo ushintsho ngomzuzu ka-78 ifaka uNoe Maema endaweni kaSiphelele Mkhulise. Ifree kick kaLyle Lakay ebiyimbi ichithwe uNeil Bosho kwaba yikhona.

ISundowns izamile ukubuyela emdlalweni ihlasela kuvalwe amehlo kodwa kwasho ukuthi Usuthu alusafuni lutho. Ukuwina koSuthu kulunyusele endaweni yesithathu kwilogi.

Emdlalweni olandelayo, nowokugcina ngaphambi kukaKhisimusi, Usuthu luzodlala ne-Orlando Pirates ngoLwesine e-Orlando Stadium.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.