Usuthu lubuye nephuzu eGoli koweDStv Premiership

Sihle Ndlovu

AmaZulu FC akwaze ukubuya nephuzu elilodwa kuphela eWits Football Stadium, eGoli, lapho ebetholene khona phezulu neTS Galaxy.

Kulo mdlalo weDStv Premiership ayibanga khona evume ukugoba uphondo njengoba umdlalo ugcine uphele ngo 0-0. Lo mphumela awuwufanele umdlalo uma kubhekwa amathuba akhiwe amaqembu womabili.

Usuthu lungene enkundleni luhlome ngabadlali balo abasha obekukhona kubona uGeorge Maluleka, osayine esuka kwiMamelodi Sundowns, uGabadinho Mhango, ofike evela kwi-Orlando Pirates no-Ethan Brooks obebhekene neqembu lakhe lakudala iRockets.

Nokho Usuthu luhluleke lwancama ukushaya igoli yize kuyilona obeluhlasela kuvalwe amahlo, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala.

I-TS Galaxy nayo iwakhile amathuba ayo kodwa kwangalunga. Kubonakale sengathi unompempe uyincishe iphenathi ngasemizuzwini yokugcina njengoba kubukeke ibhola lishaya isandla kumdlali waMaZulu esebhokisini.

Usuthu luzobhekana neSuperSport United emdlalweni weligi ngoLwesithathu kanti iGalaxy inomdlalo onzima neSundowns.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.