Usuthu luchitha ekaSithebe nokusayina kwiChiefs

USiyethemba Sithebe

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC asezingxoxweni noSiyethemba Sithebe ukuthi avuselele inkontileka yakhe njengoba iphela ngoJuni ka-2022.

Lo mdlali kuphela unyaka nje usemataniswa neKaizer Chiefs okuthiwa kade imeshela ngoba iyazi ukuthi inkontileka yakhe noSuthu iyaphela. Ezinkundleni zokuxhumana sekukhona nokukhuluma okuthi uSithebe uvele usesayinile kwiChiefs okuyinto oluyiphikayo Usuthu.

Imibiko ithi lo mdlali usesayine inkontileka yeminyaka emithathu neChiefs, futhi akasabuyeli kuMaZulu ngoJanuwari.

Ngokwesimo senkontileka yakhe uSithebe, angakwazi ukusayina inkontileka yesikhashana nelinye iqembu ngenyanga ezayo ngoba kuzobe sekusele izinyanga eziyisithupha ukuthi kuphele inkontileka yakhe.

UBrilliant Mkhathini okhulumela AmaZulu uthe leli qembu lifuna ahlale lo mdlali ogqoka unombolo 10.

“Indaba kaSithebe iphakathi kwakhe nabaphathi beqembu. Bayaxoxa ngokuthi avuselele inkontileka yakhe kodwa angazi ukuthi izingxoxo zabo sezikuliphi izinga,” kusho uMkhathini.

“Akuqali ukuthi kube namahlebezi anje ngoSithebe kodwa angazi kulokhu ukuthi ayiqiniso kangakanani. Engingakusho ukuthi iqembu liyafuna ukuthi avuselele inkontileka yakhe.”

USithebe akabonakalanga emidlalweni emibili edlule lapho Usuthu lushaye khona iMamelodi Sundowns, lwase lushaywa yi-Orlando Pirates ngo 2-1. Ebuzwa ngoSithebe umqeqeshi uBenni McCarthy, uthe lo mdlali unesimo senhliziyo okumele abhekane naso yikho nje ebengekho kule midlalo.

UBenni uthe akazi lutho ngeChiefs kodwa konke kulele kumdlali ukuthi usathanda yini ukuhlala noma usefuna inselelo entsha. Omunye osebenza kuMaZulu naye uphikile ukuthi iChiefs kukhona eke yakusho kubona mayelana noSithebe. Uthe ngokwazi kwabo umdlali usengowabo yize inkontileka yakhe iphela ngoJuni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.