Usuthu ludla iChiefs izithende ngesikhwishikhwishi somdlali welePSL

Usuthu ludla iChiefs izithende ngesikhwishikhwishi somdlali welePSL
Umengameli waMaZulu FC uSandile Zungu owenza izinguquko ezinqala eqenjini
OkaDonga Gumbi

Sekuvele ukuthi AmaZulu FC angase ayidle izithende iKaizer Chiefs asayine isikhwishikhwishi somdlali ogaqelwe yileli qembu laseSoweto.

Ngokwemibiko, Usuthu ilo olungase lumthole uNdabayithethwa Ndlondlo weMarumo Gallants ohalelwa yiChiefs ne-Orlando Pirates.

IDaily Sun ibike ngoLwesihlanu ukuthi sekusele kancane izingxoxo phakathi kweGallants noSuthu ziphethwe, isale incela isithupha iChiefs.

“Sekusele amathizethize nje ukuthi kuphothulwe isivumelwano sokudayiselana phakathi kweMarumo Gallants naMaZulu.

“UNdlondlo uzoya kuMaZulu hhayi kulamaqembu aseGauteng (abemataniswa nawo),” kucashuwe umthombo usho kanje kwiDaily Sun.

FUNDA NALA: Uthi ulifezile iphupho lakhe uHlatshwayo oseshiya kwiPirates

Lo mdlali naye uvumile ukuthi nebala zikhona izingxoxo phakathi kwalamaqembu ngokuthi ayodlala eThekwini ngesizini ezayo.

“Ngeke okwamanje ngithi sengiya kuMaZulu. Iqembu engikulo njengamanje naMaZulu basaxoxisana ngalokho.

“Ngisanenkontileka kwiGallants. Yilokho nje kuphela engingakusho njengamanje,” kusho lo mdlali omfishane kodwa onebhola elihle.

UNdlondlo ushaye amagoli ayisishiyagalombili ngesizini edlule okumenza omunye wabadlali abakhethekile kwiPSL.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.